Ngaphandle kobuhlungu asiyikuzuza lutho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
Uma ubhekene nesikhathi esinzima kulula ukungaboni ukuthi yikuphi uNkulunkulu akuqondile .Lokho kuliqiniso elimile.Kodwa ,ngamhla ubhekene nesikhathi esinzima ,yazi lokhu.UNkulunkulu kunomsebenzi akuwo ….umsebenzi ongento enhle kakhulu!
Uma kungathiwa kunento engiyenqenayo empilweni …wukuhlaba ngejubane .Uzakwethu uthi njengoba wabe esemasosheni ,wagijima kwenela ,uthi naye lendaba yejubane ivese imcobe amathambo ,ngoba akuwuzwa umzimba wakhe wakheke ngokokuba yimpangele ekhala igijima.Uthi usakhumbula izinkwantshu emadolweni ,ukunqanyukelwa ngumoya ,umuzwa oba sengathi amaphaphu azovese aqhume qhu.
Kodwa uthi yena mangase nje umnike ubhakha wamasosha awuhlabe emhlane qede umnike nomjojantaba wenganono angahamba nawo ewuthwele amagquma namathafa, izinsuku ezinde engakhathali ,aze awadlule lamasosha amanye ayizindluzela uqobo agijima u-waya waya,angaze akhathale wukugijima ede ezincengelile nje kancane yena eluthatha elubeka ,engakhathali.
Konke kuya ngokuthi uphikelela kanjani futhi engicabanga ukuthi kuyelana nesakheko sakho nokuthi nawe uzijuba ndlelani…..njengokuba umkhuzi wamasosha wayaye amemeze athi kubo : Ngaphandle kobuhlungu asiyikuzuza lutho –no pain no gain !
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
Leligama elibhalwe lapha lokubekezela lichaza ngqo ngqo ukuphikelela ngesineke ungakhathali,futhi ke yiyona ndlela enzima leyo ,yiyo kanye le eyenza kube sengathi azoqhuma amaphaphu akho.Kodwa uma siwakha lomfutho wokuphikelela ngesineke sibekezele ezikhathini ezinzima siwuhlanganise nokukhuthazela kweZwi likaNkulunkulu ….nebala kwenzeka into emangazanayo lapho.
INkosi uNkulunkulu wethu izale ithemba ezinhliziyweni zethu elingasishiyi.Ithemba elingasiphoxi.
… ukuze ngokubekezela (ngokuphikelela ngesineke) nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..