Ngegxathi Lonke Olithathayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 3:6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
Kulula ukusho ukuthi methembe uNkulunkulu ezikhathini ezinzima . Ukukwenza kodwa kunzima ngoba kunzima ukuthemba ongamboni ,ube usesimweni esicacile esibonakalayo esiphambi kwakho ,lokhu kuvese kuphikisane nengqondo .
Iministry engiyingxenye yayo eletha kuwe lama-devotion usuku nosuku ibizwa ngokuthi Christianityworks [UbuKhrestu Buyasebenza] . Ngani ? Ngoba ngenhliziyo yami yonke ngiyakholwa ngukuthu ubuKhrestu buyasebenza .Ukumlandela uJesu kuyasebenza .Ukumethemba uJesu kuyasebenza . Yingakho abekwezokumaketha imininistry le bayibize ngokuthi ‘yibrand ethembisayo’.
Yebo ,phela uma kunjalo kumele isebenze ezikhathini ezinzima nezilula empilweni. Ngakho ake sikhulume ngalezozikhathi ezinzima ,ezingelula neze .Kulula kanjani [kumbe akwenzeki ] ukuba umethembe uJesu mawubhekene nesimo esinzima , hmm?
Siyazi ukuthi simelwe ukumethemba umbuzo uthi … kanjani? Ukwenza kanjani lokho ingempela ? Umethemba kanjani uJesu ezikhathini ezishubile ?
Izaga 3:6 Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
Ilapho kanye le yokuthi “kanjani”. Lelivesi liqhamuka lithi thushu phakathi nendima ekhuluma ngokuthi umethemba kanjani ezikhathini ezinzima .Kanjani ? Ngesikhathi unyathela ngokuqikelela ,kwesinye isikhathi kanzima , kwesinye isikhathi ngokukhohliseka enhliziyweni yakho , kwesinye isikhathi ngokulingwa ukwenza into eliphutha – ngesinyathelo sonke osithathayo ,cabanga ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo . yikuphi uJesu azofuna ngikwenze ngesikhathi ngisathatha igxathi khona kanye kulelibala engikulo
Futhi masisha ,uzoba nentokozo yokubuka emumva qede ubone ukuthi wakusiza kahle kanjani ukukwazi ukuthatha igxathi eliya endaweni efanele .
Mazise yena ezindleleni zakho zonke .Yiyona ndlela ke leyo okwenza ngayo.
Futhi Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..