Ngesivinini Noma Kancane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 6:16-18 Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo. Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho,ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
Kubantu abaningi indaba ye-weight yomzimba iyisihloka esithintanayo.Uma kungukuthi uyingxenye yalabo abomelele njengendlanzi ,ngiyakubongela.Kodwa iningi lethu alinjalo. Abantu badla balomokohlele kwasani kulezinsuku…uNkulunkulu ,yebo uNkulunkulu ukhathazekile ngemizimba yethu asiphe yona ngamunye ngamunye emangalisayo.
Kulezinsuku esikuzo kubukeka ukudla kuyiziduli zabasali. Yebo khona ngiyazi ukuthi kunabantu abasondela kwi –billion abaphila endlaleni.Kodwa ngesikhathi besabhuqwa yindlala ,iqiniso lithi iningi lethu liya ngokuya liba zitetelegu ngenxa ye –access eningi yokudla .
Lesihloko siyangishukumbisa impela .Manje ngenxa ye-supply yokudla eningi ,kwenza ukuthi abantu bangazikaleli futhi bangabambi ikhefu ukudla ukudla.Okugcina sekwenyusa umumatho wokulawuleka emzimbeni ,sigcine sesikhuluphala kweqe.Kuyinto le ede iqhubeka yenzeka .
Kuleliqiniso lempilo yezindimbane zokudla esiphila kuyo ,indaba yokuzila ukudla iyinganekwane .[Ingqondo ivese ithi angikwazi ukuzilambisa ukudla kungaka!!] Futhi manje sithola ukuthi uNkulunkulu kukaningi ekhuluma ngokuzila ukudla .Kaningi impela!
NgokukaMathewu 6:16-18 Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukumali njengabazenzisi; ngokuba bona banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile.
Ngiqinisile ngithi kini: Sebewamukele umvuzo wabo.
Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho,ugeze ubuso bakho, ukuze ungabonakali kubantu ukuthi uzilile kodwa kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
Yebo,ukuzila ukudla ngezinhloso ezinhle kuyindlela enamandla yokusondela kuNkulunkulu.Kodwa manje sesiyazi futhi ukuthi kulesikhathi esikuso esinezindimbane zokudla ,ukuzila sekulusizo isibili nangokwezempilo uqobo ngaphezu kokomoya.
Lenhlakanipho endala kaNkulunkulu .Ayisoze yaguga . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..