NginguMKhrestu Ngempela?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 7:21-23 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’"
Ukholo luyigama elihlaba umxhwele .Sitshelwa ukuthi sithola ukuma kahle kuNkulunkulu uma uma sikholwa nguJesu.Kodwa ngiye ngizibuze ukuthi ekaze indlela yokucabanga ukuthi kuchazani ukukholwa nguYe ,mhlawumbe ilufifi nje.
Baningi abantu abazibiza ngokuthi bangaMaKhrestu.Bayakholwa nguNkulunkulu ,bayakholwa nguJesu ,bakholwa ngukuthi ngamhla sebelishiya elakwaMhlaba baya eZulwini .Kulungile ke .Mhlawumbe nawe yilokho okukholwayo.Kodwa manje unganesiqiniseko kanjani? Ngoba phela nakuba sikholwa ngukuthi zonke lezozinhla zizoba yithikithi lokusifaka eZulwini kodwa nakhu uJesu akusho ngalesihloko okwenza kungaziki okwalowomcabango:
NgokukaMathewu 7:21-23 “Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.
Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiprofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amademoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi
yamandla ngegama lakho, na?’ Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
Lamagama ahlaba azwele ,awajikeli emvakwendlu.Manje pho lithini iphuzu lapha? Licacile .Lokhu okokuthi siyakholwa ,okungukumbiza ngokuthi; ‘Nkosi’ ngomlomo nje akwanele.
Akusho lutho ,ngisho ukwenza izinto ezinkulu ,izinto ezinhle ….ngisho ezinamandla esizitshela sizenza egameni laKhe .
Ngalolo suku: … Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: ‘Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.’
Mhh kunzima lokho!
Yilowo muntu kuphela oyongena embusweni owenza lokho okuthandwa nguBaba .
Ubufakazi obuphathekayo bokholo loqobo,ukholo lwangempela ,wukulalela.
Yilokho kanye okungakwenza ube nesiqinisekiso esingashayi eceleni. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..