Nginike Isibonakaliso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 8:11-13 Khona kwafika aBafarisi baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini ,bemlinga.Wabubula emoyeni wakhe ,wathi : ‘Lesizukulwane sifunelani isibonakaliso na ? Ngiqinisile ngithi kini lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.’ Wabashiya wabuye wangena emkhunjini ,wamuka waya ngaphesheya.
Kuyalingana kwesinye isikhathi ukucela uNkulunkulku azibonakalise uqobo lwaKhe ,ikakhulukazi lakhona impilo inzima kusesimweni esibukeka sengathi usadukile akatholakali uqhelile kuwe. “Nkulunkulu ngikhombise isibonakaliso .ngikhombise ukuthi ukhona uyaphila .” Kodwa ezikhathini eziningi lowomqondo awuhambisani kahle naYe.
Sewuke uqaphele ukuthi zingakanani izimpawu zomgwaqo ezikhona kulezinsuku ? Inqwaba ngiyakutshela.Yima ,Linda,qaphela lokhu …nalokhu ,hamba ,hamba kancane ,shesha.Azizibeki zonke zisobala.
Kunesikhathi lakhona uJesu waphuma wayokwenza izimangaliso eziningi.Wayephulukisa abantu akhiphe amademoni,wasuthisa abayizinkulungwane ngofishi nje abambalwa nezinkwa ,wahamba phezu kwamanzi ,wathulisa isivunguvungu.Abantu babekubiza lokhu ngezibonakaliso,izibonakaliso ezabe ziqinisekisa ukuthi nebala unguMesiya.
Futhi lezibonakaliso lezimpawu zazithi azifane ncimishi nalezo zomgwaqo wawungeke ungaziboni.Kodwa manje ngolunye usuku….
NgokukaMarkhu 8:11-13 Khona kwafika aBafarisi baqala ukuphendulana naye befuna kuye isibonakaliso esivela ezulwini ,bemlinga.Wabubula emoyeni wakhe ,wathi : ‘Lesizukulwane sifunelani isibonakaliso na ? Ngiqinisile ngithi kini lesi sizukulwane asiyikunikwa sibonakaliso.’ Wabashiya wabuye wangena emkhunjini ,wamuka waya ngaphesheya.
Ngempela babengabonanga izibonakaliso ezanele? Babesafuna ezinye ngenkani ukuze uMesiya abaqinisekise unguye ngempela yini?
Manje uyabona mangase sisho ngolwimi lwesingisi ,lezinhlamvu ezithi “GOD” uziphendukezele zikunika izinhlamvu zegama elithi : “dog”[inja] …manje angikutshele sihlobo sami uNkulunkulu akasona nhlobo isimaku esizolokhu sisidlalisa sithi asenze okuthandwa yithi .Akazenzi izimangaliso ngoba nakhu ejusthwa yithi simenze usomlingo njengoba labaholi bezenkolo babe m-demander abanzele.Babefuna ukuphendula uMdali abe wuMdalwa ozodlalwa yibo bamdlalise u masgcozi la.
Phaphama .UJesu akadanseli sginci samuntu . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..