Okuncane Okuncane Kakhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Jeremiya 32:17 “E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yaKho eyaluliweyo ,akukho lutho olukwahlulwayo”
Ngesikhathi ngiqhubeka ngifunda izibhalo kusikhathi sinye ngiqhubeka ngilalela uNkulunkulu ekhuluma ,kusikhathi sinye ngibona ukuthi ukumqonda kwami kuncane kangakanani .Futhi ngesikhathi ngiqhubeka ngisondela kusikhathi sinye ngithola okuningi okusha .Okuningi ngoNkulunkulu okuningi ngaYe .Kuwe kuba njani ?
Uyabona esikhathini lakhona uzitshela ukuthi uNkulunkulu usumtholile usesikalini sebhokisi elincane ,yilapho ovese ubone khona awukamazi .
Emikhulekweni yami kulezinsuku ezedlule ,ngizithole ngiholwa uMoya ohlangothini thizeni ,engxenyeni yeziBhalo engangingahlelile ukuya kuyona …ngazithola ngizithi gquuh kuzona! Waqala wasebenza into kimi ebengingacabangi nokuthi ibidinga ukusetshenzwa .
Waqala wambula izinto eZwini laKhe ebengingazange ebengingeke ngazibona phambilini kodwa ngangaziqonda .
Futhi yimi kanye lowo ebudaleni bami ,ngingomunye wabantu abangu 8 Billion emhlabeni .Kungaba kanjani ukuthi loNkulunkulu kanye olengise izinkanyezi emkhathini ,aphinde abe nguNkulunkulu owenza lokho ekwenzela mina ? Nginesiqiniseko ukuthi kwakuyilesosikhathi kanye sokumangala kuJeremiya ngamhla esho lokhu :
Jeremiya 32:17“E Nkosi Jehova bheka wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yaKho eyaluliweyo ,akukho lutho olukwahlulwayo”
Kungani ngikucobelela lokhu namhlanje ? Yingoba kuyilesosikhathi kanye sokumangala nawe empilweni yakho .Kuyisikhathi sokumangala ngenkazimulo nobukhulu bamandla kaNkulunkulu ,futhi okuthi sikhathi sinye ugcwele umusa omkhulu wokubona ngisho intuthwane emhlabeni
Inqobo uma nje sisemi kulomhlaba nganeno kwephakade ,nakanjani kuyohlala njalo ukubona kwethu uNkulunkulu kukuncu ncu ncu! Ngesikhathi siqhubeka simuzwa esondela enyenyeza kithina uthando lwaKhe ezinhliziyweni zethu .Qede sithi :
E Nkosi Jehova! akukho lutho olukwahlulwayo
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..