Okwedlula Iphambi Kwethu Nemanje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 15:17-19 Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu. Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.
Eminyakeni engu 2000 abantu abangaphezu kwezigidigidi bakholiwe ngukufa nokuvuka kukaJesu .Manje ukufa kulula ukukukholwa .Kodwa ukuvuka akulula !
Manje ngakube zonke lezigigidi beziright yini ukwethemba ukufa kukaJesu ukuba zithethelelwe izono zazo kanjalo nokuvuka kwaKhe ukuba zithole ukuphila okungunaphakade ?
Lokho kungazwakala ziluthiwe ngamanga nje . Kodwa nansi la elele khona .Ukufa nokuvuka kukaJesu yizinto ezibili ezihambisanayo ongeke wazehlukanisa . Kukanye ubeka ithemba lakho kuJesu ngakho konke kumbe lutho sanhlobo .Futhi akushiwo nje yimi lokho ,nangu umphstoli uPhawuli ekusho ngonyaka ka 60 AD:
1 KwabaseKhorinte 15:17-19Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.
Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile. Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.
Iqiniso lonke lobuKhrestu limi ekutheni uJesu wavuswa kwabafileyo . Asimelwe ngukukholwa nguJesu ukuze sithole nje impilo engcono kulomhlaba – nakuba yebo lokho kwenziwa busha kwempilo kuyadingeka kakhulu – kodwa okusemqoka kakhulu ukuba naYe ezulwini lokho kungokwethu ngoba wasinqobela ithuna .
Ndlela zonke methembe uJesu ukukunika impilo echichimayo enothile nenhle kulokhukuphila kwamanje . Kodwa lokho kuyi-teaspoon nje oLwandle uma kuqhathaniswa nokuba naYe ingunaphakade naphakade .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.