Sewake Wazibuza Ukuthi Ekaze Kungani …
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Ihubo 51:11,12 Ungangilahli ebusweni bakho,ungangemuki uMoya wakho oNgcwele .Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho ,ungiphase ngomoya ovumayo .
Sewake wazibuza ukuthi kungani intokozo owake waba nayo ,intokozo owawukholwa uNkulunkulu ufuna ube nayo ,kubukeka sengathi seyihwamukile ?
Pheshe ,nyamalaliyane ,yaphela kanjalo! Kube sengathi uNkulunkulu wakushiya dengwane okwendlu iphephukelwe wuphahla qede yasala ngezindonga kuphela .
Kwesinye isikhathi uyothatha igxathi athi ukuhlehla kithi ukuze asizwize ukuthi kunjani ukuba sehlane kancane .Ngoba kulapho kanye inkambo yethu ivivinywa futhi ivovwa khona . Kwingxenye yethu enkulu siyilokhu esiyikhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wasivova kanjalo .
Kodwa kwesinye isikhathi inkinga isuke idalwe yithi ngokuziphatha kwethu ;ukumhlubuka .Yebo uyaqhubeka uyasithanda ,Ukulungele ukusithethelela ,kodwa ukuba seduze kwethu noNkulunkulu kwaphukile njengokuba ukwenza oku wrong komunye ebudlelwaneni kuphazamiza lo omunye .
Ukwazi ukuthi wenze iphutha kuNkulunkulu akuwona umuzwa omuhle lowo ,ngoba intokozo owawunayo enhlanganyelweni naye seyihwamukile .Kuzwakala sengathi ukulahlile .
Futhi yilokho kanye okumelwe ngukwenzeka uma simkhafula uNkulunkulu .Kwakheke ngokokuthi kusisize sibuyele ezingqondweni zethu ngokulangazelela esinakho ,ukuba siphinde sizizwe intokozo yensindiso yakhe .
Okungakho okwathi emva kokuphinga nokubulala inkosi uDavide eyakwenza yabe isikhuleka lomkhuleko (akukho okwedlula lokho !):
Ihubo 51:11,12 Ungangilahli ebusweni bakho,ungangemuki uMoya wakho oNgcwele .Buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho ,ungiphase ngomoya ovumayo .
Zenzele umusa .Nxa wazi ukuthi uhlubukile ,uma wazi ukuthi wenze oku wrong ,buyela ezingqondweni zakho ngokushesha bese uvumela uNkulunkulu ukukugcwalisa ngobukhona baKhe ,uMoya wakhe,abuyise ukuthokoza kwensindiso yakho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.