Thola UNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Umqondo wokuthi uNkulunkulu angasithelela ngicabanga ukuthi ngumqondo lowo iningi lethu elingawuvuma kalula.Kodwa lo wokuthi angasithethelela ngokufa nokuvuka kweNdodana yaKhe kuphela ,uyabona ke lowo ,akulula ukuvuma nokuwubamba kalula.
Uma uzobuka kumlando woluntu iminyaka ngeminyaka eyadlula ,uzothola ukuthi zonke izinkolelo kumbe inkolo efaka isithixo noma izithixo /onkulunkulu bokuzenzela ,uzoyithola ifaka thina luntu ukuzikhandla sizikhandlela ekuthandweni yilabonkulunkulu.
Labonkulunkulu bangonkulunkulu abangaguquki kulokho ngakho thina ngoba singabantu sizithole siphoqeleka ukubenza bathokoze ngoba uma singakwenzi lokho bazosibhozomela ngolaka basijezise.Lenqubo kuyo yonke leminyaka konkulunkulu babantu ihlale injena nje ingashintshile.
Kodwa busuku bumbe kwelaseBhetlehema lenqubo yanqanyulwa ,isondo laguquka.UNkulunkulu oyedwa oLiQiniso waletha iNdodana yaKhe kulomhlaba wayijezisa ukuba ikhokhele izono zethu .
Futhi kwasekuthi emva kwalokho waphenduka wathi , “Uma ukholwa ukuthi ngiyijezisile iNdodana yami ngenxa yakho nokuthi ngenxa yalokho sengingakuthethelela-uma ukholwa yilokho nebala usuthethelelwe .Usunokuphila okuphakade.”
Lokho sikubiza ngokuthi umusa ,nakuba lelogama lilula ukulisho ,kodwa kunzima kakhulu ukugoqela izinhliziyo zethu kulo ngoba livese lingabonakali li-fair (yingoba nebala umusa awunjalo).Umphostoli Phawuli uwubeka ngalendlela :
KwabaseFesu 2:8,9 Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
Manje umqondo wesipho,wona singawuqonda .Ukuphila okungunaphakade kuyisipho samahhala esivela kuNkulunkulu esiphiwa labo kuphela abakholwa nguJesu.Siyinto ongeke wayikhokhela uyizabalazele.
Futhi akukhathalekile ziningi kangakanani izinkolo ,izinkolelo noma onkulunkulu esingabazama,iyodwa kuphela qhwaba indawo yokumukela umusa kaNkulunkulu .UJesu.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..