Ohlakaniphile kakhulu ngoHhafu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 4:29 Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
Sonke siyasazi lesosifo soku-judger incwadi nge-cover yayo.Uma usesitolo sezincwadi noma e-library uye utomule leyoncwadi ene-cover ebukeka kahle.Kodwa iqiniso esilaziyo sonke –lithi – i-cover ayixoxi indaba yonke ephelele.
Kunentatheli engiyaziyo .Lentatheli iyaziwa ngokukhuluma ingesabi ngokuphika ubukhona bukaNkulunkulu.Kutholakala ukuthi uyise wabe engumfundisi futhi yabe ingamthandi uyise.
Manje lendoda ihlakaniphile ,ikhaliphile ,ibukhali kakhulu.Miningi imibhalo yayo esengike ngayifunda futhi okuthi mawulandela uthole ukuthi nebala ngokwayo inezizathu ezicacile zokuphika ubukhona bukaNkulunkulu.Ezinye zazo ngezobuhlakani bomqondo.Ezinye zazo ziwukugxeka nje ngokwenkolo ehlelekile yokuphika ubukhona bukaNkulunkulu.
UJesu wayekade ephumile ephulukisa abantu futhi eshumayela ngamandla okuthi mayesefika edolobheni lakubo eNazaretha bese aqale enze lokhu okuyinto ayenzayayo ;ukuphulukisa nokushumayela .
Ekuqaleni bahlabeka umxhwele ngakushoyo,kodwa ngokuqhubeka kwesikhathi ,omakhelwane nezihlobo zakhe sebeqala ukucabanga ukuthi , “Lomuntu uzitshela ukuthi ungubani ngempela? Akuyona indodana kaJosefa noMariya le? Mkhipheni la.” Phela kahle hle labomakhelwane base Nazaretha bacikeka bacasuka ngoJesu baze….
NgokukaLukha 4:29 Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
Base bengasazwile ngempela la ,awuboni kanjalo wena ?
Kuyangithinta ukubuka ukuthi lentatheli engiyibalulile kunye nalabomakhelwane bakaJesu banezinto ezinomqondo ofanayo kubona .
Abazange bame kebelalele ,baxoxe naye ,ukuze bamazi kabanzi loJesu ozibiza ngeNdodana kaNkulunkulu .Ngakho baningi abantu abalungele ukuvese bamdedise uJesu ,bengazange bona bamcwaningisise ngokwabo ngomqondo ovulekile .Bengazange bafike esiphethweni sokuthi ingempela ungubani nokuthi ungu ngqo kumbe umthiks .
Lokho kuphathana kabi .
Indlela enamandla ukumcwaninga loJesu ukuzifundela wena iBhayibheli ,bese uMoya oNgcwele aliphefumelele kuwe.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..