... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubusisiwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 1:4-6 Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu eniwuphiweyo kuKristu Jesu ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke nasekwazini konke, njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini

Listen to the radio broadcast of

Ubusisiwe


Download audio file

Asiithembeke ,kunezinsuku lakhona izinto zingahambi ngendlela yethu  …ziphike impela .Bonke abantu kubahambela kahle .Abanye abantu babukeka  bebusisekile ezimpilweni zabo ,emshadweni yabo ,nakwezezimali zabo ,nakunoma yikuphi okunye .Kodwa mina ? Lutho kuthule kuthe duh!  

Uyabona ,sonke ndlelathizeni sinakho ukuzidabukela .Kuyimvelo ukuba phansi kwezinye izinsuku .Akunacala lokho  mangicabanga ,ngaphandle uma sekululeka kube yisimbelambela .

Ngaphandle uma siphansi ngokomlomo  ,sihlale sibuka abanye eduze kwethu bese silokhu njalo  siziqhathanisa sizibone singelutho .Size sithi : mina nje akukaze kwenzeke lutho oluhle !

Uma uba kulesosimqondo ,imvamisa kuba ngukuthi izimo zikudicilela phansi  njengefu elimnyama  qede zikuzungeze njengenkungu enganyakazi ,ephamisa ilanga kube sengathi ngokweqiniso liyinto engekho futhi alikhanyi alibalele .

Ngakho mhlawumbe namhlanje ngase kube yisikhathi sokuphendukela eqinisweni ,ekukhanyeni okuzobalelisa ilanga  kithi  kuzo zonke izimo :

1 KwabaseKhorinte  1:4-6 Ngibonga uNkulunkulu wami ngesikhathi sonke ngani ngenxa yomusa kaNkulunkulu

eniwuphiweyo kuKristu Jesu ukuthi ezintweni zonke nicetshisiwe kuye, ekukhulumeni konke

nasekwazini konke, njengalokho ubufakazi ngoKristu baqiniswa kini

Umusa kaNkulunkulu kuwe ngoJesu –uma nebala ulibekile ithemba lakho kuye  awusoze wantenga .

Lomusa awushabalali  nethemba elimiyo njalo .Awukho namhlanje kuphela uma konke kusahamba kahle kodwa nala kubukeka ligqunqile  libhejile limyama bhuqe khona lomusa umi nawe .

Futhi kuye ubusisiwe ezintweni zonke  .Ziphi zona ? ezintweni zonke .Kukho konke okukhulumayo ,kukho konke okwaziyo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.