Ubusisiwe Noma Ngabe Ubani o …
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 1:12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Nansi indaba ngesilingo . Siyahehana .Siyanxaneleka . Futhi simelwe ukuba kanjalo ,ngoba uma sesike sangena kuso siyabhubhisa .Futhi sisigubuzela imvamisa la khona singasilindele sanhlobo .
Sonke sesike saba kulesosimo .Yonke into ihambe kahle …kuthi kungazelele nasi isono sesithi gubhugubhu … sisho ukumuka nawe impela okuthi uma uke wasivumela sikushaya ingozi engeqiwa ntwala ,wena ongafunga ukuthi ugqenywe ngesando esikhulu . U-John Wesley ukubeka kanje lokhu :
“Njengokuba umoya omuningi oyingozi ukwazi ukungena ngemifantu emincane kakhulu ,kanjalo nosathane akalokothi angene ngezinto ezinkulu ,ungena ngezinto ezincane ezinganekekile qede athi shi ngaphakathi , izinto ezibukeka zingelutho nje , kodwa ezinamandla okuvulela inhliziyo izilingo ezinkulu kakhulu .”
Akulona iqiniso lelo ! Yingakho ukuzenzisa okuncane okunganakekile kungasigqema ingozi engeqiwa ntwala ekuhambeni kwesikhathi .
Kodwa isilingo sibukeka siza qede sibaleke masishane . Umzuzwana asisekho .Dukuduku nasi futhi sesibuya sikugubuzele unganakile –uthi usathi usasicinga sesicashile futhi . Ubucayi balendaba ngukukwazi ukwenza isinqumo masisha ngesikhathi sihlasela .
EkaJakobe 1:12 Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Ngesikhathi sokuhlaselwa singakhetha ukuthobela sona kumbe sime sikhuthazele sibheke phambili. Isilingo sivivinya ubuqiniso boqobo lokholo lwakho .Zivivinya ukuma kwethu siqinile kuKhrestu . Futhi zikhathi zonke ukhuthazele ,zikhathi zonke uphasa ukuvivinywa ,uyaguqulwa izikhathi nezikhathi ufaniswe naye uJesu .
Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.