Ukholo Lwakho Olunqoba Umhlaba
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuMaHebheru 11:29-34 Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza. Ngokukholwa izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe, akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula. Ngisezakuthini futhi na? Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi, abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.
Ake ngikuphonsele okuthile ze ngibone ucabangani. Noma yimuphi uMKhrestu ongaboni ukuthi uphila empini yokomoya ulahlekelwe ngumkhondo .Kakhulu! Manje pho ucabangani ke?
Umuzwa wokulala ubuthongo ebungozini uyisitha esikhulu sempilo entsha yokuthi uJesu wafa wavuka ukusisindisa . Kungenzeka singafuni ukukuzwa lokho ,kodwa kungalesosizathu kanye abanye abantu bakaNkulunkulu belahlekelwa yimpilo ecebile echichimayo ayihlelele bona .
Ake sithi gqi kancane emumva .Kwakuzoba njani uma kungase kuthiwe u-Israel zange awuwele umfula iJordani bangene ezweni lesethembiso ? Kwakuzoba njani uma babeshodelwa wukholo base beqhubeka behlala ezweni likaMowabi ebuntofontofweni babo?
KuMaHebheru 11:29-34 Ngokukholwa badabula uLwandle Olubomvu
kungathi kusemhlabathini owomileyo, okwathi abaseGibithe bekulinga lokho, baminza. Ngokukholwa
izingange zaseJeriko zawa, sezizungeziwe izinsuku eziyisikhombisa. Ngokukholwa, uRahabi isifebe,
akabhubhanga kanye nabangalalelanga, esezamukele izinhloli ngokuthula. Ngisezakuthini futhi na?
Isikhathi kambe sizakungishiya, uma ngibalisa ngoGideyoni, noBaraki, noSamsoni, noJefta, noDavide, noSamuweli nabaprofethi, abathi ngokukholwa banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza
izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama, bacima amandla omlilo, baphepha osikweni lwenkemba, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.
U-Israel awuvesananga wazigwazela ibhece wangena kalula ezweni leseThembiso .Kwakumele balidle impela ….kodwa kwakuyimpi emva kwempi .Futhi akuqhubeke ubuke bonke abantu bakaNkulunkulu kuleyondima .Uhambo lokholo luchaza impi emva kwenye .Yindlela leyo obekulokhu kuyiyo .Ungalali ubuthongo impi ibe isondela .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.