Ukhula Lwameva Lwengcebo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 13:3,7,18,22 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela “…Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. … Onezindlebe makezwe.”… “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye.
Indaba yokuzibumbela uJesu – okokuthi ungubani nakushoyo – sekuyinto esiqhubeke isikhathi eside . Phela ngiqonda la ukuthi kunomqondo othi kungeke samenza ahambisane nesikhathi sethu sesimanje ?
Sonke sivamisa ukumbuka uJesu ngokwezimo zethu . Ngesikhathi sihuhwa ngumoya wokugqama sicebe sivelele ,kuba sikhathi sinye futhi noJesu simfaka kuleloso kanye .
“Yebo nebala impilo ingaba ngumzabalazo ,kodwa nakanjani uyangithanda njengomunye wabangabakhe. Ngikhethekile kuYe .Impela uJesu weza ukuba nginothe ngibe nempilo .” Kulula ukungena ekucabangeni okunjalo. .
UJesu waxoxa umzekelo ukuchaza ngezindlela ezehlukile ayefuna ukukusho, okwamukelwa ngabantu abanhlobonhlobo. Nansi indlela okubekwe ngokunqanyulelwe .okuyinkulumo ebhekiswe ekulubekeleni kwethu ukuchuma sivelele sinothe :
NgokukaMathewu 13:3,7,18,22 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela “…Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. … Onezindlebe makezwe.”… “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye.
Isithelo akhuluma ngaso ,yimpilo eguquliwe ngokunamandla , ngokwezinga lokuthi uthando lwaKhe lugqama ekuphileni kwethu kulethe izithelo eziningi.
Umoya wokufuna ingcebo uwufanisa nokhula olungameva olusiminyanisa ekutheleni . UJesu akazelanga ukuzokwenza ucebe.
Yebo abanye abantu bayagcina sebethole izibusiso zengcebo kodwa akuwona umongo wokuza kwakhe lowo .
Yilona nebala iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..