Ukuba Yinceku Evumayo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 3:6 Oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
Mhlawumbe kwi-science yezempilo ukuzwe kukhulunywa ngama – enzymes, konje usakhumbula ukuthi kuthiwa enzani emzimbeni ?
Angithi phela wona angama-protein asebenza njengesiguquli [catalyst] sokwe biology ,ngokugijimisa unqwamano kuphendula lwama –chemical emzimbeni .Kahle hle kwezinye izigaba lolunqwamano kuphendulana ngeke lwenzeke ngaphandle kwama – enzyme.
Cha ,ngenhlanhla ,mhlawumbe awukaze ungene eklasini le science e-high school .Ama –enzymes ayisimangaliso .Awabi yingxenye yonqwamano lwama chemical emzimbeni ,kodwa alwenza ukwenzeka kwalo kwenzeke futhi kwenzeke ngokushesha .
Ngokufana ncimishi yilokho uMoya oNgcwele akwenzayo empilweni yethu ,wenza kwenzeke futhi ngokukusheshisa ,izinto ezimelwe ukuqhubeka zenzeke ,kodwa ndlela thizeni ,ngokwethu ,asibukeki sikwenza kwenzeke.
2 KwabaseKhorinte 3:6 Oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.
Yonke into uNkulunkulu asitshela yona ukuyenza yinhle kithi .Futhi nezinto asitshela ukungazenzi [futhi aziziningi lezo] yebo,nalokho kuyawenza umqondo lokho .
Manje kungani ukuthi singakwazi ukwenza izinto asitshela ukuzenza ? Ngena Moya Ongcwele .Ngena enzyme ,mguquli oguqulela ebungcweleni ,osiholela ekulaleni –owenza i-reaction yenzeke qede isheshe .
Oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.