Ukubaba Kwempumelelo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Esikhathini osuke uzindla ngaso kungekho muntu eduze kwakho ,ngesikhathi wakha isithombe ngekusasa ,yisiphi isithombe osidwebayo emqondweni wakho ? Yiziphi izinto ozilangazelelayo? Ngakube ikusasa lakho elihle ,ligcina libukeka linjani ngesikhathi ulicabanga ngokwakho?
Impumelelo .Ngokucacile impilo ingalokho nje .Umuntu athi eyy mangase nje ngishade umkhwenyana noma umakoti o-perfect .Mangase nje ngithole umsebenzi ongikhokhela kahle futhi ungibeke ebaleni elihle ngokwezinga le career yami. Mangase nje ngikwazi ukuthenga leyamoto kumbe isikebha esibizayo ke ngizintantele emanzini ,kumbe leyangubo engikade ngangiyifuna engiyithandayo .Mangase ngifinyelele ekutheni abantu babuke mina ,qede bazifise ukuthi sengathi banjengami ..nokuthi senga banezinto enginazo…uma kunjalo ngiyojabula.
Nanso la ikhona.Lokho kulambela i-taste e-sweet kakhulu yempumelelo. Futhi yiyona ndlela abantu abaningi abacabanga ngayo .Yindlela le esenziwe sa-programmed ukucabanga ngayo.
Futhi ngokubuka kwethu ,kumele uNkulunkulu abe yisicathalala sethu esenza yonke intando yethu ,sifeze amaphupho ethu noma ngayiphi indlela.
Ngeshwa ,abaningi baphila impilo yabo yonke behubha lolohlobo olunjalo lwempumelelo.Banikela konke ngenxa yemfundiso engelona iqiniso eliphelele yempumelelo ,ebunjwe osomaqhingasu abathile abadla ebomvu imali ngalokho .Kodwa …
1 KuThimothewu 6:10 Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
Yilona qiniso leli elimile mayelana nomqondo ongalona iqiniso eliphelele wempumelelo ngokwasemhlabeni.Lakhona obulinde uju olumnandi ,uthola inhlaba ebaba ha.Yebo nebala ungaluthola loluhlobo lomshado obulufuna ,iholo,i-career ,noma yini enye …kodwa khona lapho uthola zonke izinkinga lezi ezihambisana nakho,ubungalokothanga wazicabanga ,ngisho emaphusheni .
Impumelelo .Ayisikho lokhu abakuchazayo . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..