Ukubhabhadisa ngoMoya oNgcwele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 3:16 uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo
UBuKhrestu abuyona inkolo –abulona uhide lwemithetho ekleliswe ukuba uyilandele –abungakho kakhulu njengomshado oyisakhiwo esihlanganiswe yimithetho eqotho.Cha ,njengomshado ,uBuKhrestu bungubudlelwane lakhona kuguquka ukwenza kwethu ngoba uthando silucobelelana noNkulunkulu .Umehluko mukhulu ke lapho !
Ngake ngabona udweshu olukhulu kwi-ministry yaMaKhrestu ,kwakungachazeki indlela abantu ababeziphatha ngayo.Okwathi ngalokho kwehluleka ,kwangenza ngakhumbula ukuthi kusemqoka kangakanani ubudlelwane .
Ubudlelwane bunjengama Bridge esiwakhayo ezinhliziyweni nasempilweni yomunye nomunye ,ezikhathini ezinhle nezimbi,ama-bridge enzelwe ukuba ame eqinile esikhathini sezivunguvungu ezifikayo.
Ungaqiniseka ukuthi ,kunzima ukwakha amabridge aqinile kanjalo ,kodwa ezikhathini sekuvunguza izivunguvungu ,kumnandi kangakanani ukuba nobudlelwane obukwaziyo ukumelana nezivivinyo ? Into yokuqala ngqa uJohane uMbhabhathisi ayisho ngoJesu ,yile :
NgokukaLukha 3:16 uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo
Manje lokho kwabe kuyinto ehlukile ngamalengiso ukuyisho kulesosikhathi,ngoba kuze kube yiso ,uMoya kaNkulunkulu wawukade unikwe kubaholi nabaphrofethi abathile abayidlanzana abakhethiwe .
Okugcina kubukeka ngukuthi uNkulunkulu unohlelo lokwakha ubudlelwane obunamandla nathi ngamunye ,ngokusicwilisa kuMoya waKhe oNgcwele .Yilokho kanye okuchaza ukubhabhathiswa ,ukucwiliswa emanzini ,ushone phansi kuwo futhi kusho ukuguqulwa ngokuphelele entweni ethize.
Kuloludaba ,kuyicebo likaNkulunkulu ukusicwilisa ,asishonise phansi emanzini futhi asiguqule ngokuphelele ngokuthululwa koMoya waKhe phezu kwethu.Lelo yi-Bridge elakhiwa ngokuhlupheka kweNdodana yaKhe .Kungubudlelwane obuyoma ingunaphakade.
Bhabhathiswa – ucwiliswe ,umatiswe futhi uguqulwe ngokuphelele – kuMoya oNgcwele . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..