Ukubhekana Nokukhula Kobubi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 1:16,17 Gezani nihlanzeke ,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi .Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli ,nahlulele izintandane nimele umfelokazi.
Ububi buyincada egcwele umhlaba wonke .Ngakomunye umqondo akukho okusha kulokho .Bekuvese kuhlale kunjalo .Kodwa ngomunye umqondo ohlukile futhi sewuke waqaphela ukuthi kukhule ngesivinini esikhulu kangakanani ,mumva nje ? Izinto ezingububi akusikho nje ukuthi ziyakhangiswa kodwa ziphinde zishayelwe nehlombe .
Nebala igeji yabo iyenyuka .Akulula neze ungabuboni amandla obukhula ngawo.Ngendlela okuyiwo ungafunga ukuthi impela amalangabi esihogo asenuka emakhaleni ethu eduze la .Ububi obungamachilo akusikho nje kuphela ukuthi sebuphenduke into ejwayelekile kodwa sebenziwa bahlonipheka ngokusemthethweni .Kubukeka kuyibo obudla inkundla njengamanje mawubuka .
Manje ,thina balandeli bakaKhrestu yikuphi esifanelwe ngukukwenza ? Ngizokutshela engibone iningi lethu likwenza .Siyalwa ngabo.Siklewule silila ,phela yilungelo lami leli kumbe umbono wami lo .Yilungelo lenkolo yami leli .Yilungelo lami uku…
Inkinga kodwa ngukuthi ,ibhayibheli libukeka lithule ekutheni mina nawe yikuphi esinelungelo lakho kulomhlaba.Uma besingasho iqiniso ,ngokulibheka kwami iThestamente Elidala neLisha ,into engibona icaca kulo yilungelo lami ngukuhluphekela iNkosi uJesu Khrestu .
Manje pho mina nawe sibhekane kanjani ngezinga lokukhulu kobubi emhlabeni ?
Isaya 1:16,17 Gezani nihlanzeke ,nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,niyeke ukwenza okubi .Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela,niqondise abacindezeli ,nahlulele izintandane nimele umfelokazi .
UNkulunkulu usiyala ukuba singenzisi okwalabobantu ababi abasemhlabeni ,kodwa ukuhlanza izindlu zethu kuqala .Ukwenza okuhle ,ukuphatha abantu ngokungakhethi buso ,ebese ke kuzoba ngukukhulumela labo abangeke bazikhulumele bona ,ngisho kungathiwa kusibiza nani lini .Sikhulumele umfelokazi ,intandane …nabangakazalwa .
Yilokho kanye uJesu akwenza ,futhi kwambiza impilo yakhe yonke .
Yeka ukwenza okubi ,yenza okuhle .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..