Ukukhula Ekuqineni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 31:24 Qinani ,inhliziyo yenu ibe nesibindi ,nina nonke enethemba uJehova!
Kaningi ningi ebhayibhelini siyatshelwa ukuqina .Yebo kuhle lokho .Kulula kuNkulunkulu lokho ukukusho kodwa ngakube uyalazi utaku esibhekene nalo thina la kwamhlaba ? Ngakube uyazi ukuthi luzwakala kanjani ? Qinani .Ngempela?
Ngaphandle kwe study room sami kunesihlahla eside .Side ,sinesiqu esikhulu .Siyamangalisa ,kodwa ngiyakutshela wena makuke kwafika isivunguvungu usithola siya le siya le siya le ngenxa yomoya onamandla ,qede ubona kuklubuka amagatsha .Ukuthi kwenziwa yini sona isiqu uqobo singawi ,angazi kungani .
Futhi manje khona kunjalo uthola ukuthi lesihlahla saqala sisncu kuyinto ongayigxoba kube sengathi uzigxobela ihlamvu nje .Kodwa emva kweminyaka sesikhule sangaba side nje kuphela kodwa sesiskhulu ngokwesiqu ,saqina ngokumangazayo .
Ngamanye amazwi kuthatha isikhathi ukwakheka kokuqina .Ngiyazibuza ukuthi engabe usuke engaqondile lokho yini uNkulunkulu uma ethi :
Amahubo 31:24 Qinani ,inhliziyo yenu ibe nesibindi ,nina nonke enethemba uJehova !
Sibonile izolo ukuthi leligama elithi ‘ukulindela’ ngokomsuka wesiHebheru lichaza ukulindela ngokubekezela ngesineke ,ubhekile okuzokwenzeka ,wethemba eNkosini.
Kodwa phezu kwalokho ukulinda kuthatha isikhathi .Kwesinye isikhathi kusibiza ukulinda usuku lonke kumbe isonto eliphelele .Kwezinye izikhathi isenza silinde izinyanga ngisho iminyaka imbala ,silanda isibindi kuYona .Futhi ngesikhathi sisalindile kuYona silanda isibindi ,isuke ikhulisa ukuqina kithina .Asiye singakuqapheli lokho ngesikhathi kwenzeka ,kodwa yilokho kanye okwenzekayo .
Ngakho lusuku lumbe uma abantu bephenduka bekubuka okuthi mabekubheka babone owesilisa noma owesifazane onesibindi .
Ungalahli ithemba ,lindela uJehova ubambe isibindi saKhe .Usemsebenzini wokukuqinisa .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..