Ukulindela Okukhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 23:17,18 Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.Ngokuba impela umvuzo ukhona nethemba lakho aliyikunqunywa.
Uyazi ukuthi yini engiyizondayo ? Uyazi ukuthi yini engiyizonda ngempela? Yilakhona uma abantu ababi ,abaqhoqhobela abanye ,abantu abangathembekile ,abanendlakadla bebukeka bephumelela. Benza konke okuphambene ,baphule yonke imigudu kodwa uthole ukuthi uNkulunkulu uvese abayekele nje batininize .
Yebo impela ngiyakuzonda kakhulu lokho.Sonke siyakuzonda lokho ngoba kuzwisana ubuhlungu ngokwesakheko sethu sobulungiswa.Inkambo enhle imele ukuthola umvuzo omuhle .Inkambo embi imelwe ukuvuzwa ngokubi.
Mangase kuthiwe nje umhlaba ubucacile kanjalo nje ! Kodwa uthola ukuthi khona kunjalo ,amaqili nabaqambimanga ,nezindlambedlu zinyuka kalula empilweni zizi zingene ezikhundleni zokuphatha ezivelele zikhathi zonke. Ngeke awume kancane ,akuyona indlela le obekumele kube yiyona ! Kodwa manje ….nakhu sizithola sikuyo qobo.
Uma ubona lokhu kuqhubeka kwenzeka kungani ,uma ubona ukutanasa kwezigwili ezingalungile nabadumile bezuza ingcebo ngobuqili ,uvese usathane akuhlebele endlebeni athi : “Nawe ungaba nakho konke lokhu abanakho ,woza nje kuphela uzongilandela .” Mhhh….uqale ube nokuhala …eyy mhlawumbe nami ngingaba nakho konke abanakho.
Kulapho kanye umoya wokuba nomhawu osutshalekile njalo.Kusebenza kanjalo nje .USathane usilingela ukunyuka nathi sibe sezingeni labo ,kodwa okungukuthi ngakho konke lokho yena into ayenzayo inye phaqa ukusidonsela emgodini .
Iyodwa kuphela indlela yokunqoba isitha ,ngukwemukela iZwi likaNkulunkulu enhliziyweni yakho ,nanti :
Izaga 23:17,18 Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha mawube sekumesabeni uJehova usuku lonke.Ngokuba impela umvuzo ukhona nethemba lakho aliyikunqunywa.
Kunento eyigugu enhle ngokuhlonipha ,uthobele uNkulunkulu.Ngokuba nonembeza omsulwa .Ngokuma endaweni efanele noNkulunkulu.Uma sikuleyondawo ,sindiza siye phezulu qede ububi bube sesabelweni sezinyaweni zethu sibubuke kude le phansi.Kuleyondawo ,izinhliziyo zethu zigcwalisiwe ,ziyatusa ,ithemba lethu esinalo kuNkulunkulu.
Ithemba elingasoze lasiphoxa sanhlobo.
Inhliziyo yakho mayingabi namhawu ngezoni,kepha mawube sekumesabeni uJehova Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..