Ukulindela Okukhulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 6:14,15 Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.
Manje lobucwazicwazi bemihlobiso obubizwa ngesehlo esehla eminyakeni engu 2 000 eyadlula ,busiphatheleni kulesikhathi samanje esikuso ?
Ezinsukwini ezimbalwa ubonile ukuthi ama-Israel alididanisa kanjani icebo likaNkulunkulu lokuza kukaMesiya kulomhlaba ,bacabanga lokhu okungesikhona ngaYe .
Babelindele iNkosi eyisiqhwaga eyayizonqoba ixoshe amaRoma ezweni lawo lesethembiso angaphinde alubhade ;uMesiya owayezobasindisa ezimweni zabo .Kodwa uNkulunkulu wayenza okukhulu kakhulu .Wabathumela iNdodana yaKhe ukubasindisa ezonweni zabo .
Kodwa nala khona uJesu wayesindisa ngokunamandla exolela abantu izono zabo ,abazange bayibambe nalapho imfihlo !
NgokukaJohane 6:14,15Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu
asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.
Uyabona ? Babesafuna ukumenza abe yiloluhlobo lweNkosi ezongena khaxa ezimweni zabo ,iba sindise kuzo .UJesu waphendula ndlelani kulokho ? wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.
Kukangaki siphindaphinda into eyodwa ncimishi .Nkulunkulu ngisindise kulenkinga .Nkulunkulu yenza umlingo wakho esimweni sami .
Yebo,uNkulunkulu ukhona ezimpilweni zethu uyingxenye impela .Uyasithanda .Kodwa isizathu sokuza kukaJesu kwabe kungukukusindisa ezonweni zakho . Ukuze uma ukholwa nguYe ungabhubhi kodwa ube nokuphila okuphakade . Ngiyacela sihlobo sami esithandekayo mvumele enze lokho kanye akuzela emhlabeni ,ngempilo yakho
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.