Ukungesabi Ikhosomba Elesabisayo Uwedwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseKolose 4:2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
Usuke uzizwe sengathi uvaleleke esimweni kumbe ezimweni eziwuhide uze ube nomuzwa wokuthi ukhiyelwe kuzo ngeke usaphuma? Ususekuphelelweni yithemba lokugcina futhi uyazibuza ukuthi ekaze ngiyoke ngiphume kodwa ngelinye ilanga la?
Eminyakeni eminingi edlule ngake ngaba sezinhlungwini ezinzima zesifo esasingiphethe ,okwathi ngiya esibhedlela ,ekufikeni kwami kudokotela ngazizwela ukuthi kunhlanga zimuka nomoya ,amathunzi ayewukela impela .
Ekhosombeni engabe ngihlolwa kulo kwakuthiwe kuzoba yinto nje yemizuzu angamashumi amabili ,futhi angisiye umuntu osaba ukuba sendaweni eyikhosomba engesabisayo ,kodwa nje umzuzu owodwa ngikuyo ngazizwa izinhlungu zikhula kunye novalo .Ngangisebuhlungwini uqobo ,kunkenketha ,ngangivalelwe kulomnyama futhi nginovalo.Yikuphi engangizokwenza ?
Kuselapho ,ngezwa iphimbo elimtoti elincane … thandaza .Ngakho ngavala amehlo ami ukuze ngingaboni okunye kodwa ngigcwele ukwesaba okukhulu ,qede ngathandaza.Ngacela uNkulunkulu uMoya oNgcwele ukungigcwalisa ngokuthula kwaKhe .Ngambonga ukuthi wayenami khona kanye kuleyondawo .Futhi ngokukhulu ukushesha uvalo lwami lwaphela ,lwahwamuka njengamazolo.
Ngeke ngikwazi ukukutshela ngokwanele ukuthi konke okwakwenziwa kimi ukuze ngiphile ukuthi kubuhlungu kunjalo ngakuthokozela ,ngaze ngofika ekugcineni kokwakwenziwa .
KwabaseKolose 4:2 Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga.
Zizoba khona izikhathi lakhona sivalelwe endaweni emnyama encane futhi singaboni ntuba yokuphuma kuyo.Kuzoba khona izikhathi lakhona sizobe sisaba sixegelwa ngamadolo .
Kodwa sihlobo yazi lokhu ,uNkulunkulu ukunye nawe kuleyondawo.Ngakho ….
Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..