Ukusangana
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaPhethru 1:13 Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
Enye yezinto enginyakazisa umoya ngabantwana bakaNkulunkulu kulezinsuku ngumuzwa okhulayo wokuthi njengokuba inkululeko yethu yobuKhrestu izulelwa ngamanqe asho ukuyidwengula ,njengokuba isencupheni kulezinsuku ,into esemqoka kakhulu kithi wukuba siyivikele .
Kunzima ukungafinyeleli ekuqondeni ukuthi lomqondo wokuhambisana nenkambiso yepolitiki yesikhathi evuna bonke abantu , phecelezi [political correctness] ,isifike esigabeni lakhona seyinhlanhlathe kakhulu.Lomqondo uyinto ebeka encupheni ilungelo le- freedom of expression ,ilungelo lenkolo,ilungelo lokuphila impilo yethu yokholo lobuKhrestu.
Kuyinto engajwayelekile ukuthi kuboshelwe amajoka qede kunikelwe ,ekulweleni ukholo lwethu kunye nefreedom of expression .Manje ,ngisacela ungangizwa ngendlebe okungeyiyo kuloludaba ,lezozinto zobili ziseqhulwini lenhliziyo yami nami….kodwa uma ubuzwe bobuKhrestu sekuyibo osebuphethe ezindabeni zethu zokubhekana zezomphakathi ….kulapho la ngikholwa khona sisuke sesiwulahlile umkhondo wokuba ngabantu ababizwa ngegama likaKhrestu .
1 Phethru 1:13 Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
UPhethru wawabhala lamagama kuMaKrestu ayekhashelwa ehlushwa kanzima .Akawetshelanga ukuthi mawaqiniseke ayayiwina impikiswano,kodwa washo okwehlukile ,ukulungisela imiqondo yawo ukwenza inkonzo egcwele ukuzibopha izinkalo zengqondo [self control] .Njengokuba u : William M Comfort ebeka athi … iself-control ivamisa ukusebenza ekuphikisaneni nokwenza nokusho lokhu wena ofuna ukukusho kungakhathalekile kunamphumela muni .
Ngakube amaKhrestu afanelwe yini ukuba yingxenye yezimpikiswano zomphakathi? Ngakube simelwe ukuletha umhlahlandlela wezingxoxo futhi sakhe umnkantsha wokuziphatha esizweni? Nebala kunjalo impela ! Kodwa iqhaza lethu eliseqhulwini kulomhlaba alisikho ukuwina izimpikiswano,kodwa ngukuwina imiphefumulo .Okuyilokho kanye uPhethru akushoyo :
Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.
Ungalokothi uvumele ubuzwe bakho bobuKhrestu bu-hijacke okuyikhona okuyinhlosoingqangi yakho .INkosi yethu iyabusa futhi sinamalungelo onke ukubeka wonke amathemba ethu emseni waYo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..