Ukushaya Kwenhliziyo Yenkolo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula ngikutshele izinto ezinkulunezifihlekeleyo ongazaziyo.
“Inkolo” yigama leli ,engilenqenayo ,elingenza ngithi dlengelele qede ngithuke .Ngoba kimi lilayishe inqwaba la esikhwameni salo ,liphethe imithetho ,imikhuba engamasikonkolo , nokungamaphunga athaphukayo okucishe kuthi akube wuhlobo lobuKhrestu obugqwalile engakhula kubona .
Futhi angikutshele ukuthi lesikhwama esiqukethe konke okukhathele,akukhona nje kuphela ukuthi asingenzelanga lutho,kodwa kwaphinda kwangiqhelisa ebuKhrestwini,kuJesu,kuNkulunkulu ,iminyaka eminingi.
Ngeshwa ,ngisho nanamhlanje baningi abantu abazibiza ngaMaKhrestu , abakusho lokho ngokwenqubo yemithetho yezenkolo eyabangena ngenxa yokukhuliswa ngayo ngabazali kodwa hhayi ngoba bengenwe yivangeli uqobo .Kumbe ubudlelwane babo noJesu babuqale kahle kodwa bagcina sebuyinto eluvivi espholile futhi .
Ake uqhathanise uqobo lokwenza kwezinto olubuhlungu nokho ,uluqhathanise nalenkulumo evela kuNkulunkulu :
Jeremiya 33:3 Ngibize ngiyakukuphendula ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekeleyo ongazaziyo.
Kunolangazelelo olugcwele uthando kuNkulunkulu la ngabantu baKhe ukuba bamazi kangcono basondele kuYe . Ulangazelelo olungasaluningi ezinhliziyweni zaMaKhrestu amaningi . Ngokuqhathanisa ngokwehlukile u- A.W. Tozer ubhala athi :
Ukuqhubeka ngokungami nokushintshana ngothando ngokungenamahloni ,kunye nemicabango phakathi kukaNkulunkulu kunye nomoya womuntu ohlengiwe yikhona kushaya kwenhliziyo okuyisigqi senkolo yeThestamente Elisha lokho.
Manje “inkolo” enenhliziyo ebhakuza kamnandi , egcwele ulangezelelwano phakathi koMdali nodaliwe , yiyonanto kanye engingangena kuyo ngigijima nami. Yebo yilokho kanye nami engikufunayo .Kuwe Shlobo sami?
Ungavumi ukushaya kwenhliziyo yakho ngothando olunamandla kuNkulunkulu kugcine sekwehla ,kugqwale kumbe kwebiwe ,yinkolo engagcwele luthando ngaYe .
Mbize uyakukuphendula !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..