Ukusondela Uthi ne!
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 4:8 Sondelani kuNkulunkulu ,khona uyakusondela kinina.Hlanzani izandla nina zoni ,nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
Ngakube uyabulangazelela ubudlelwane obuseduze ngokunamathele noNkulunkulu? Ngakube lobobudlelwane sebukuhungile wazizwa bukuluthile ,uphakathi kuzo zonke iziphazamiso zakulomhlaba ,oqhubeka uziphonsa kuwe .Ngakube bunjengotalagu ehlane ? Uma kunjalo nakanjani umyalezo wanamhlanje ungowakho .Noma kanjani .
Ubudlelwane obujulile obucebile noNkulunkulu buyakuguqula.Manje abanye abantu Bangase bangibuke ngelinye iso elingejwayelekile ukubuka ngalendlela.Abantu bangakubuka sengathi ungohlukile ongajwayelekile uma ubeka inhliziyo yakho ithi neh ebudlelwaneni kuNkulunkulu ,kulungile ke.
Ngiyazikhumbula lakhona ngabe ngingonekhanda eliqinile ,ngiwumqansa ongagijelwa mbongolo ,ngamhla nginikela impilo yami kuJesu ngazizwela uNkunkulu eseduze ,uNkulunkulu ophilayo owaletha uJesu ukuzongifela kulesosiphambano .
Abantu babethi ekaze kwenzakaleni kimi ,ngakube sengithathwe yinkolo ? Ngakube zimshiyile yini usewumantuntanendishi ?
Akusikho ukuthi mhlambe ngaveza ukuziphatha okuthusanayo .Yingoba nje ukuba seduze noNkulunkulu kuyakuguqula ngokuphelele ngamandla .Kungani ukuthi ungeguquke ?
Baningi abantu abamlambele uNkulunkulu kodwa othola ukuthi abakutholi ukunamathela kuYe.Kube sengathi bangabantu abalahlekelwe yindlela futhi abasazi babuyele kanjani emumva .
Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi uthi neh usondele kuYe .
EkaJakobe 4:8 Sondelani kuNkulunkulu ,khona uyakusondela kinina.Hlanzani izandla nina zoni ,nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
Nasi isethembiso ,uma usondela kuNkulunkulu naye uyakusondela kuwe uthi nakanjani uma unesono osibonayo siyakuphazamisa empilweni yakho kulobudlelwane naYe ,sifake ifosholo usigxale .
Sondelani kuNkulunkulu ,khona uyakusondela kinina. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..