Uku-investa Kubantu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseGalathiya 5:13,14 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni.Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni,kepha khonzanani ngothando.Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi : ‘Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena .’
Ngifuna uke ucabange ngomuntu oyedwa la emhlabeni okucika kakhulu ,akudide ikhanda kunabo bonke ,ovese akunyusele ushukela.Mbuke esithombeni somqondo.Kulungile ke manje ,ake ngikubuze lokhu : Yikuphi uNkulunkulu akubizela khona namhlanje ukukwenza ukwenzele lowomuntu yedwa nje phaqa?
Kubukeka sengathi kulezinsuku ,bambalwa abantu abahle abakwazi uku -investor empilweni yomunye umuntu .Omunye aqale inhlangano kodwa imenenja ivese ibone ukuthi hhayi kuqinile kunzima kulomuntu ,emva kwalokho usekhishwe ngesango njalo.Kumbe uthole ukuthi inhlangano ide iqhubeka yona ithatha imukela nje kumuntu ozikhandla ngayo ,kodwa yona inga -invest lutho kuyena ,kodwa kube kunguye lomuntu oyenza ishebelezele phezulu.Kubukeka kusengathi yiyona ndlela okuyiyo emhlabeni kulezinsuku.
Kodwa manje uthola ukuthi iNdodana kaNkulunkulu yona iza emhlabeni , bese ihlanganise abafundi abangenalwazi lwezenkolo –abadobi ,abaqoqi bentela –hhayi oso- theology noma ama strategic planner ,emva kwalokho simbona e investor iminyaka emithathu nengxenye kubona .Futhi kwabe kungelula kuloluqeqesho.Babemcika bamcanule kwezinye izikhathi . “ Koze kube nini nginibekezelela sizukulwane esingakholwayo na ?” .Wake wabahloma lowombuzo ngelinye ilanga .
Ukukhuliswa ngokwamandla [Empowerment] yigama leli elivelele kakhulu kwa management kulezinsuku ,kodwa inkinga kuyathukela lenzeka.
Ekaze lomhlaba ubuzobukeka kanjani mangase sithulule ukuphila kwethu ezimpilweni zabanye abantu ? I
KwabaseGalathiya 5:13,14 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni.Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni,kepha khonzanani ngothando.Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi : ‘Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena .’
Ubani empilweni yakho ,emndenini wakho/wakini,enhlanganweni noma enkampanini okuyo ,uNkulunkulu akubizela ukuba uthulule ukuphila kwakho kuye u- investe kuye umnike i-empowerment ? Ngubani ?
khonzanani ngothando . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..