Ukuthanda Abantu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 12:9,10 Uthando malungbi nakuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle,thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ;ekwazisaneni nandulelane.
Usuwake wakhuleka wathi , “Nkosi ngikhombise umuntu engingamsiza?” ,kodwa bese uNkulunkulu avese alethe umuntu ongamvumi ,ongangeni kulesisihe sakho bese ubuyele kuYe uthi ; “Cha Nkulunkulu ,hhayi lo ,mina ngifuna umuntu omnandi o-nice” .
“Uthando” yigama elilula ukulisho,kulula ukuliphimisela nje ,kodwa kungaba nzima ukulwenza ,uluthulule uphane ngalo,ukulwenzela abanye abantu .Sonke siyafuna ukuthandwa ,kodwa imvamisa singamavila ukuphana ngothando.
Ukupha uthando ,ukuphila uthando ….kubukeka kuyinto enjani ingempela lokho ?
Ake sithi kumakhaza ngaphandle,unejazi elifudumele kamnandi.Bese uhlangane nomuntu emgwaqeni ombonayo ngeke sanhlobo abe nemali yokulithenga .Bese umnike elakho.
Kumbe umuntu omaziyo kungumqansa kuye ukukwazi ukukhokhela imoto yakhe ,bese kuthi esikhundleni sokuthi uthi kuye : “sizokukhulekela”, kulokhu uvese umthumele imali ezomlekelela akhokhele izindleko zakhe .
Kumbe ake sithi kunalomuntu ,ongakaze nje alokothe abe-nice kuwena ,awukaze ulokothe umthande ,kodwa namhlanje uyedwa njengenhlwa.Bese uyamumema eze kwakho esidlweni ndawonye nawe.kumbe uthi ….
Hhayi awume kancane ! Phela sekwedlulele manje lokho ,akunjalo!?
Nginikele ngejazi lami .Ngimnikelele izindleko zemoto.Ngimeme lowomuntu ezothokozela isidlo kwami? Ubani owaqhamuka naleyomfishimfishi ?
KwabaseRoma 12:9,10 Uthando malungabi nakuzenzisa ,nenyanye okubi ,nibambelele kokuhle,thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane ;ekwazisaneni nandulelane.
Ngakho sihlobo sami ngicela ukukubuza ngobumnene kodwa ngibuze ngqo,ngubani uNkulunkulu ambeke endleleni yakho ukukunikeza ithuba lokwenza inkonzo yothando ? Ngubani sihlobo ?
Uthando malungbi nakuzenzisa . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..