Ukuzikhohlisa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
Ngakho uya enkonzweni ,ucule amaculo ,uzwe intshumayelo,uthokozele i-fellowship nabazalwane emva kwalokho usuyahamba kodwa ugcwele umoya othi “ngingcwele kunawe” ,ugcwele inhliziyo lomoya.Kodwa ngoMsombuluko usuya emsebenzini ,ufike usho ukumnqamula ikhanda lo okuchukulazayo ,kungani lokho ?
Ungangizwa kabi angizami ukwahlulela .Kodwa angithi ,kwesinye isikhathi siye silalele lokho uNkulunkulu akushoyo ,qede sinqekuzise amakhanda sivuma ,kodwa sivese sithi uma siphuma senze okwehluke ngamalengiso kulokho ebesikuvuma .
Kungani? Yingoba sonke sinomoya wesono oxhantile kithina .Ngenxa yokuthi indlela owakheke ngayo nezinto obhekane nazo kwiminyaka empilweni yakho kukwenza uhluke kimi nami ngokunjalo ,okusifaka esikalini sokuba namakhona angefani asiluthela esonweni .Kodwa okusalayo sonke sinawo.
Futhi ingozi ngukuthi sigcine sesejwayele ukushiya ibanga phakathi kokholo lwethu nokwenza ,siyenzelela ngokuzejwayeza kanjalo ,sigcina sesakhile sagxila kulokho kuzixolela sikujabulele singanaki.
Kuthi khona kunjalo uNkulunkulu uyasibuka ehleli eZulwini ,enyakazisa ikhanda ,ezwa ubuhlungu enhliziyweni yaKhe [ngoba uyazi ukuthi isono sethu sizoba nomphumela ] futhi uyasebenza ukuba asikhulule esonweni sethu .
Okungakho ekugcineni kwakho konke ,uJesu weza kulomhlaba ,wahlupheka wafa ngenxa yami nawe ,qede wavuka ukuze asinike ukuphila okusha .
Manje ithini impendulo ?
EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
Asikwazi ukukholwa ngenye into ebese senze enye into .Asikwazi ukukhonza uNkulunkulu oluthando ,bese futhi sithathe kancane abanye abantu .Asikwazi sanhlobo ukwenza lokho bazalwane .Kumele kube khona okuguqukayo.Ngokushesha uNkulunkulu kumele angenelele ,ngakho ….
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..