Ukweneliseka Ezwini Elomile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho;uyakuba njengensimu eniselweyonanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi .
Sonke siyakulangazelela ukuthi sengathi izinto zingazinhle sibe nokuneliseka okujulile ; ukweneliseka okungenza sinele ezikhathini ezinhle noma ezimbi .Ukuthula okuhlala njalo kukhona okuzimelelayo kwizigaba zonke zokuphila ekuphileni kwethu .
Ngokubuhlungu sonke sihamba sikucinga ukunelisaka nokunela ,ukuthula ezindaweni ezi wrong ,okusiphethisa sihuzukile .I- psychologist u- Carl Jung nakuba engazange abeke ukholo kuJesu kodwa wakwazi ukubhala ngesizathu salokho :
Abantu bagcina benezingcindezi zengqondo bazizwe bephansi uma bezenze baneliseka yizinto eziyizimpendulo ezi-wrong emibuzweni yempilo .Bafuna izikhundla ,umshado,ukuhlonishwa ,ukuthola imali eningi ngokuphumelelayo kalula kodwa othola ukuthi baqhubeke babe nezingcindezi zomqondo nakuba sebekutholile lokhu kanye abebekufuna bethi bazonela uma bethole khona .
Ngicabanga ukuthi sonke sesike sakufuna ukuneliseka ezindaweni ezi wrong qede sabuya nezimpendulo ezinganelisi .Eminyakeni engu 3 000 eyedlula iNkosi yakwa Israel uSolomoni wakubalula lokho:
Umshumayeli 5:10,11 Othanda imali kayikusutha ngemali,nothanda okuningi kaneliswa yizithelo;nalokho kuyize .Lapho okuhle kwanda nabakudlayo bayanda;kulusizo luni kumninikho ngaphandle kokuba akubone ngamehlo akhe na?
Yiqiniso ngukuthi zonke ezinye izinto zakulomhlaba azisoze zasenelisa ngokuphelele. Sidinga into emile engapheliyo ,eqhubeka njalo ikhona kwizigaba zonke zempilo .
Isaya 58:11 UJehova uyakukuhola njalo,asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo,aqinise amathambo akho;uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi,omanzi awo angaphuthi .
Yeka isithombe esinamandla ! UNkulunkulu uyakukunelisa ezindaweni ezomileyo ngokwezinga lokuthi uyakuba njengensimu echelelwayo enhle ekuhlaza kamnandi , nanjengomthombo wamanzi ongomi ohlale umpompoza amanzi acwebile . Uyimpendulo ,yebo uyimpendulo kuphela engakwazi ukukuphendula kwimibuzo engumgogodla wokuphila ukuthi nguYe kuphela ongukuneliseka okuphelele ,ukuthula okunganqamukiyo okuyikho kanye obukulangazelela .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.