Ukwesaba ,Ukuthula Nenduduzo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izenzo 9:31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Siphila esikhathini sesiphithiphithi .Uthi mawufunda iphepha uthole ukuthi abantu abasemagunyeni baziphethe kabi kakhulu ,nakuba singasho bonke .
Amabandla agcwele izindaba zenkohlakalo kwezezimali ngokunyantisa ikhanda .Kwenzenjani ingempela kulomhlaba kanti ?
Manje angazi noma ungumuntu oyayo enkonzweni noma qha ,kodwa ungakwenza ihlaya lokhu mawuthanda .Amakholwa akubona abantu abangenasici .
Kahle hle hhayi namhlanje kusuka eBandleni lokuqala ,uthola izincwadi zikaPhawuli umphostoli ebhalela amabandla ewathethisa eqinisa impela .
Kuyishwa ke lokho ,nokho sithola ukuthi zonke izinhlaka zezakhiwo ezakhiwe nguluntu zivele ngeke zingabi naso isici ,zibe perfect ,akubuhlungu ukuzwa lokho ?
Ubhekana kanjani nalokho ? Wenza kanjani ukukuqondisa ngokwendlela okufanele kube yiyona ? IBandla lokuqala labhekana nokushushiswa okuningi okunzima njengokuba namanje kusaqhubeka kusadlanga .Kodwa akubambe lokhu :
Izenzo 9:31 Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.
Ukwesaba uNkulunkulu akuchazi ukumesaba umbalekele kodwa kuchaza ukumhlonipha ,ukumnika indawo emfanele ,ukumlalela .Kumuntu ongaphandle mayebuka ekude izinto amakholwa azikholelwayo zibukeka zingumsangano .
Kodwa noma ngabe umi kuphi ,lento eyodwa imile : Uma abantu bakaNkulunkulu bemhlonipha noma ngabe bakuphi la bekhona kunezinto ezinhle ezibehlelayo ,yebo ezinhle kakhulu .
Futhi ngisho kungathiwa izintatheli azikucosheli zikusakaze kwaziwe kuchume lokho kodwa okusalayo kuyenzeka ,nakuba kukhona okuncane okwenzekayo nje kusakazwe .
Kwenzeka kanjalo nebala uma abantu bakaNkulunkulu behamba ngokwesaba iNkosi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.