Ulimi Lwakho Nenhliziyo Yakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaLukha 6:45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Ngakho nanku umbuzo ,ubaphatha kanjani abantu ,emsebenzini,emndenini,ekhaya ,omakhelwane bakho? Uma ubabuka uyakubona ukuba yizidalwa ezingabantu kubo kumbe ubabona beyizinto ezimile?
Izimpendulo zakho zisemqoka kakhulu,ngoba zizokutshela okuqhubeka enhliziyweni yakho .Njengokuba itechnology iyilokhu eyikhona kulezinsuku ,kulula ukuziqhelisa ,ngomzimba nangenhliziyo kubantu esiphila nabo .
Futhi okuthi esikhundleni sokubabona bengabantu –abanamathemba ,amaphupho ,nezintshisekelo nokuhluleka ncimishi njengathi –nokubaphatha ngesihe esidingwa nguluntu lonke ,kuhlale kulula ukubabona benjengezinto ,izingcungcu zamatshe ,zokugudluzwa ziyiswe ngapha nangapha ukuhambisana nezinhloso zethu .
Manje masisha sesindaweni emnyama .Izinhliziyo zethu zisindwe ngabo ,zihlose amacebo amabi …agcina esephuma ngemilomo yethu .Awungikholwa lokho engikushoyo ?
NgokukaLukha 6:45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Esikusho kwabanye kulahla lokhu esikushoyo ngezinhliziyo zethu .Indlela esiphatha ngayo abanye abantu kukhombisa ngokusobala ukuthi sicabanga ndlelani ngabo .Ake sikuvumele lokhu kekuzike kancane ezinhliziyweni zethu futhi:
Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.