... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umnikelo Omukelekayo KuNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 51:17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo ;inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo ,Nkulunkulu awuyikuyidelela .

Listen to the radio broadcast of

Umnikelo Omukelekayo KuNkulunkulu


Download audio file

Esikweni lesilungu mawubona indoda  iphethe izimbali iziyisa kothandwa yinhliziyo yayo nathi esesilenza nokuthenga uchocolate  ,usuke uzibuze ukuthi isuke izithengeleni noma iwuthengeleni ?  Ngakube isuke izithenge igcwele uthando kumbe ngenhliziyo eyaphukileyo ?

Nanku umzekelo wodaba : indoda nenkosikazi baphikisane .Qede indoda bese iyabona ukuthi ikhonkothe kakhulu ,ngakho bese ithengela umkayo  izimbali  emva komsebenzi ze zifinyelele kunkosikazi wayo iyocubuza amagabadi  .

Kukangaki lokho kwenzeka ?  Cishe abakhiqizi bezimbali kubenzela izigidi gidi zemali njalo ngonyaka,loludweshu luyinzuzo enhle kubo .

Kulisiko elibukeka lingelihle kodwa masuhamba nalo ucabanga ngenqubo kaNkulunkulu ukuthi kubiza umnikelo ukulungisa uwrong  abe  right .

Kuluphawu oluncane olukhombisa umnikelo uJesu  awenza ngenxa yethu,ukukhokhela izono zethu ,ukuzikhipha emabhukwini  asimangalelayo ngenxa yazo ,ukuze asenze sibe right kuNkulunkulu .

Ngakho mawenze uwrong kuNkulunkulu usuya kuye ukuyomcela intethelelo futhi  (njengokuba uDavide inkosi yakwa Israel yenza emva kokuphinga nokubulala )  senzo sini senhliziyo ephukileyo

 ,mnikelo muni ,ekujuleni kwenhliziyo yakho ozizwa umelwe ukuwenza?

UDavide wayeyazi impendulo ngesikhathi ekhulekela intethelelo kaNkulunkulu  nokubuyiselwa kobudlelwane .

Ihubo  51:17 Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo ;inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo ,Nkulunkulu awuyikuyidelela .

Cha uNkulunkulu akabhekile ukuthi uthi fuh umfuqa wemali esitsheni somnikelo  –nanoma yimuphi omunye umnikelo kumbe uthi ngizokhokha ngokuba yisisebenzi sethempeli .Kuba ngokujulile kunalokho .

Iminikelo kaNkulunkulu ingumoya owaphukileyo ;inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo ,Nkulunkulu awuyikuyidelela .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.