Umqondo Owehlukile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 6:28,29 Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?” Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
Angazi kunjani kuwe ,kodwa mina nginalomuzwa wokuba ngumuntu ongcono ngesikhathi ngiqhubeka ngiphila . Usuku nosuku ,isikhathi nesikhathi ngilokhu ngikusebenza ukwehluleka kwami ukuze ngigcine ngingcono kukho ngize ngifane noJesu.
Futhi yebo lokho akukhona ukuzimisela okunzima.Kuyigxathi elilodwa eliya phambili namabili aya emumva . Kodwa cha phela simelwe ukwethembeka ngokwehluleka kwethu . Simelwe ukukuvuma ukugqigqa ndawonye ,silokhu siphinda phinda into eyodwa ilandelana .
Kungabi nje ngukufana noKhrestu [Nakuba wonke umuntu ongumlandeli kaJesu kumelwe kube ngukulangazelela nokuzijuba kwakhe lokho] Ngoba futhi simelwe ukukwenza lokho ngokuphathekayo ngoba phela ukwehluleka nokuqhuzuka namaphutha ethu …anemiphumela . Aqothula impilo yethu nobudlelwane bethu.
Kodwa kunomncele omncane lapha esiye siweqe kalula owehlukanisile.
Lomngcele yintshisekelo yenhliziyo yethu ukuqhubeka sifana noJesu , futhi ezweni labacabanga ngemithetho ,kunomqondo wokuthi ukuba nguMKhrestu kungokulandela ,imiqathango .
Idlanzana labantu ababebukeka befuna ukumlandela uNkulunkulu ngezinhliziyo zabo zonke ,babuza uJesu umbuzo ohlaba umxhwele:
NgokukaJohane 6:28,29 Bathi-ke kuye: “Singenzani ukuba sisebenze imisebenzi kaNkulunkulu na?”
Waphendula uJesu, wathi kubo: “Umsebenzi kaNkulunkulu yilowo ukuba nikholwe nguye amthumileyo.”
Umsebenzi wakho,umsebenzi wakho ,akubukeki ngqo ngqo kungukusebenza kanzima ukufana noJesu . Lokhu uJesu afuna sikwenze ngukukholwa nguYe usuku nosuku, okuthi ekukwenzeni lokho silokhu siqhubeka siguqulwa sifane naYe.
Kungumqondo owehlukile lokho .Izindlela zikaNkulunkulu azizona ezethu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..