Umsebenzi Kangadini
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 3:6,7 Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
Uma wenza izinto ezinhle uzenzela uNkulunkulu ,usebenzisa wonke amathalenta namagalelo akho, isikhathi sakho nezinto onazo ngenhloso yokuveza uthando lukaNkulunkulu kulabo abaseduze nawe , kunesilingo sokuvumela impakamo ingene kuwe .
Eminyakeni eminingi eyedlule ngake ngaba kwi ministry lakhona umholi owayeyihola – owayezoba ngonempumelelo kuyo kwayekwenza – uma kungazange kube ngukuthi waqala wakholwa yizinhloso zakhe .Waqala wazibona ese’ngumuntu othile’ ,ngikholwa uyangizwa ngithini ,esezibona .
Waqala abanye abantu wababeka kude le ,wabanqamula empilweni yakhe . Ngingomunye wabantu owabanqamula wabaqhelisa kuye ,wangibeka kude le . Kuze kube yimanje ,ngisakhale kabili kuphela emsebenzini weNkosi eminyakeni engu 20.Okunye kwalokho kukhala okwangalesosigigaba . Kodwa kwaba yishwa ukuthi emva kweminyaka emide esemsebenzini weNkosi ,kwafika lakhona owayesezibona emkhulu ngalendlela yokuthi nekomidi leministry lahluleka ukumluleka lagcina limxosha .
Uyazi ,angingabazi ukuthi masike saqala sazibona singabasemqoka emsebenzini weNkosi , masike nje savumela impakamo yethu isigwinye ,kusuke uNkulunkulu esegeze izandla ngathi . Nansi indlela umphostoli uPhawuli ayibeka ngayo kuleyominyaka eminingi eyadlula :
1 KwabaseKhorinte 3:6,7Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa.
Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.
Ngakho asizibheke namhlanje , nawe sihlobo . Asizihlole ngokuthi ,ngakube sesingenwe yini yilomoya wokukholelwa ezinhlosweni ezingathi sazibona simqoka ? Ngakube sesiqalile ukuzibona sisemqoka ngokungaphezu kwesikali esifanele ?
Ngoba umsebenzi kangadini[yimi nawe lowo] ngukutshala sichelele. Kodwa nguNkulunkulu owenza izinto zikhule .
Sidinga ukuzihlola zikhathi zonke mzalwane wami ,sisebenzi seNkosi .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..