... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umshukumbo Wokucabanga Kabusha

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 9:35 Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

Listen to the radio broadcast of

Umshukumbo Wokucabanga Kabusha


Download audio file

Ukuqophisana okukhulu okuqhubeka kulomhlaba kungokuthi ikakhulukazi ngubani omkhulu kunomunye ; ubani owokuqala ,ubani ozobonokala emuhle ukwedlula bonke ,ohola phambili odla ubhedu .Kuqala ebuncaneni ,umuntu eseyingane .

Uma wakhula unezingane zakini uzokhumbula ukuthi nanibangisana kanjani ukuthi ngubani ohamba phambili obashaya bonke amakhanda Nakimi kwakunjalo nabafowethu .

Nebala yinto oyilindele leyo ngezingane .Yingakho ubaba nomama kungumsebenzi wabo ukubafundisa izifundo ezinzima ,ukuze ngalezozifundo baqale bakheke bakhule  kulezohloko ngendlela efanele .

Kodwa njengokuba sibonile izolo ,abafundi bakaJesu babengakhulile kukho .Babesaqophisana ngalokho kanye –ukuthi ngubani owayemkhulu eqeqebeni labo kunomunye . Kodwa ngesikhathi uJesu ebabuza ngalokho ,abamphendulanga ngoba babenamahloni ngakho .

Nembala ubazi ukuthi kade bephikisana ngakho ,okuyingakho  …

NgokukaMarkhu  9:35 … Wayesehlala phansi, wababiza abayishumi nambili, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.”

Yinto le umuzi oseluqinile ukhakhayi kuye owazi kahle kamhlophe ukuthi kuliqiniso .Labo abalethe inkonzo kithi ukwedlula bonke bayibo abakhulu ngabasenzele khona ezimpilweni zethu .

Manje kungani abafundi bengayibambanga leyo ? Ngabe ngukuthi mhlawumbe kwesinye isikhathi asikubambi lokho ?  

Ngoba ngaphakathi kithi sizicabangela thina ,asikhulile  emqondweni .Njengezingane sifuna ukuba ngabakhulu kunabanye .Ngempela ? Ufuna ukuba ngomkhulu kunabanye ? Ngakho yazi lokhu  :

Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala, makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.