Umusa Ngaphandle Kweqiniso
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 1:23 Abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.
Kulezinsuku ezimbalwa ezedlule besilokhu sikhuluma ngeqiniso . Iqiniso likaNkulunkulu .Futhi sesibonile ukuthi iqiniso elingenamusa lingumfanekiso wamanga ogqwalile . Kodwa sithini ngomusa ongenalo iqiniso ?
Ipolitiki yobuzwe yinto ekhona kulezinsuku . Futhi asikusho ngokwethembeka ukuthi ,akuyona into enzima ukuthola izidlova ezingenamusa ezigcwele iqiniso likaNkulunkulu. Uhlobo lwabantu abahlaba bacoboshise abanye ngenxa yokuqhuthswa yimbumbulu yeqiniso likaNkulunkulu .
Kodwa futhi elinye ihaba eliyingozi olibona kolunye uhlangothi ngabantu abagcwele umusa abangenalo iqiniso .Njengokuba u- Carey Nieuwhof ethi :
Gudluza iqiniso emseni ,awusekho umusa lapho , kodwa sekungumfanekiso ongenamathambo . (njengokuba sewuzicabangele wuhlangothi lolu lomoya wenkululeko kuyo yonke into le )
Phecelezi abaqinisa kweqe sithi ama –conservative ebese laba abathambisa kweqe kube yinkululeko konke le eyabo siyibiza nge : libelarism .Ngakho njengokuba nami nginalo uhlangothi engencike kakhulu kulona kulezinhlangothi angithathi luhlangothi lapha . Into esemqoka ukukhuluma iZwi likaNkulunkulu ,iqiniso laKhe ezikhathini zethu ezithambisayo ebuqothweni .Ngakho nanti iZwi laKhe elikhuluma ngomusa ongenaqiniso :
KwabaseRoma 1:32 Abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.
Ungagcwala uthando kumbe umusa ngomuntu thizeni ,kodwa uma kungahlanganisiwe neqiniso kusengaba yinto engenamgogodla . Ngamanye amazwi osuke ukusho kulomuntu usuke uthi makakhohlwe ngayo yonke imiyalelo engokuziphatha okuhle ebhayibhelini ,konke lokho kuyisidala . Akusenani ngoba kulezinsuku yonke into ivunyiwe ,zinguthela wayeka ufreeway uqobo lwawo .
Kodwa akulona iqiniso lelo .Umusa ongenalo iqiniso uholela kwingunaphakade elingenaKhrestu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..