Ungakhohliseki
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Dutheronomi 6:10-12 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni alifungela oyihlo,oAbhrahama ,o-Isaka noJakobe ,ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga . nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ,on gazigcwalisanga ,nemithombo ongayimbanga ,nezivini neminqumo ongakutshalanga ,nalapho udla usuthe .Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu owakukhipha ezweni laseGibhithe ,indlu yobugqila .
Kulula ukufika kwisisphetho sokuthi uma unguMKhrestu ,ungumntwana kaNkulunkulu kulula ukumlandela ezikhathini ezilula kunezinzima .Ukuhuba amahubo endumiso kulula uma sibusisekile kunasezikhathini zasenhluphekweni .Kodwa ngiyazibuza ukuthi engabe lokho kuliqiniso yini na.
Ngale kongabazane ,sonke singathokozela izinkathi zenjabulo nokubusiseka zilandelana , kungabikho ngisho inkathi eyodwa yenhlupheko ezimpilweni zethu ,amen ? Yilokho nebala esikuxolelayo .Ake uzifake ezicathulwini zama –Israel .Ubungaxolela ukuba yisigqila eGibhithe kunokuhlala ezweni leseThembiso ,izwe eligeleza ubisi nezinyosi . Akuqhathaniseki ngempela .
Kodwa ngesikhathi u-Israel ususondela ezweni lesethembiso andukuba ubusiseke wawunika isexwayiso :
Dutheronomi 6:10-12 Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekungenisa ezweni alifungela oyihlo,oAbhrahama ,o-Isaka noJakobe ,ukukunika lona kanye nemizi emikhulu nemihle ongayakhanga . nezindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ,on gazigcwalisanga ,nemithombo ongayimbanga ,nezivini neminqumo ongakutshalanga ,nalapho udla usuthe .Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu owakukhipha ezweni laseGibhithe ,indlu yobugqila .
Esikhathini lakhona izibusiso ziza kuwe zilekenyana ,uyabona kulula kanjani ukumkhohlwa uNkulunkulu ? Kulula kakhulu ukukhohliswa ukutamuza isibusiso size sikhohlwe yiloNkulunkulu kanye owasikhipha ebugqileni besono ?!
Xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova uNkulunkulu
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..