Ungakwesabi Ukuba Mncane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 1:1 UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu
Siye sizizwe sibancane futhi singabonakali ezikhathini ezehlukene – mhlawumbe yiyona ndlela ozizwa ngayo njengamanje .Umncane – ungabonakali .Futhi kulomhlaba oqhuba ukuba ngophumelelayo ,siye sikucabange ukuthi kubi ukukucabanga lokho .
Kunento kithi ngamunye engaphakathi elangazelela ukubonakala ,ukuba abantu bamangazwe yimpumelelo yethu .UMphostoli Phawuli wayengomunye walabo .Andukuba ahlangane noJesu emgwaqeni waseDamaseku igama lakhe labe linguSawuli – eqanjwe ngenkosi yokuqala yakwa Israel ,indoda eyayinde ibukeka . Wabe engowesizwe sakwaBhenjamini ,ilunga lomkhandlu owawubusa ngokwesiJuda , ubizwa nge Sanhedrin,wayefunde ezikoleni zenkolo nomthetho wabaJuda eziphambili.
Njengokuba ezibhalela yena luqobo umfarisi wabafarisi ,umzingeli webandla ,olungile ngaphansi komthetho .Uma kwakukhona umuntu owayenelungelo lokubizwa ngophumelelayo kwabe kunguyena .Kodwa ngamhla ehlangana noJesu emgwaqeni waseDamaseku ,
iNkosi yamnika igama elisha.Akaphindanga wabizwa ngokuthi Sawuli kwathiwa nguPhawuli ,okuyigama alisebenzisa impilo yakhe yonke .
KwabaseFesu 1:1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu
Manje pho yini esegameni ,kungenzeka ubuze kanjalo? Yebo,phela kwakuchaza yonke into ngokwesiko lesiHebheru.Igama lakho lalichaza wena ,futhi uyazi lona leli likaPhawuli lichazani ? Lichaza okusobala nje lithi “okuncane /omncane” .
Ngakho ukuze lendoda eyayinesibindi ingenandaba namuntu ,ihlukumeza ngokwabantu ingephumelelayo ukuze ibe ngosebenzisekayo ezandleni zikaNkulunkulu ,ibe ngumphostoli othunywe ngentando kaNkulunkulu ukwenza umsebenzi waKhe ,ukubhala cishe uhhafu wonke weThestamente Elisha ,kwabiza ukuba uSawule aphenduke uPhawuli.
Kwabiza ukuba enziwe abe ngomncane .Kwabiza ukuba athotshiswe ..
Uma ukuKhrestu ungakwesabi ukuba mncane .Kahle hle kuyinto enhle .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..