Ungalwi Nolethe Umyalezo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
Lomqondo wokuthi ibhayibheli liyincwadi endala ephuphile,ngumqondo odumile kulezinsuku.Kahle hle linabagxeki balo ,ngisho phakathi endlini kaNkulunkulu,abantu abathi bakholwa nguJesu .
Ngokwethembeka nje angikusho ukuthi zikhona izinto ezibhalwe ebhayibhelini othi mawuzifunda ubone ukuthi mhlawumbe zazihambelana kahle nalesosikhathi ,elalibhalwe ngaso ,kwesehlukile nesamanje ,kanjalo namasikompilo angalesosikhathi .
Yingakho kulula ukuthi abaningi baligxeke ibhayibheli ukuthi alingeni khaxa kulesikhathi sanamhlanje.Iqhaza lomuntu wesifazane seliguqukile .Kulezinsuku abasebona ababheke ikhaya kuphela ,kodwa bafundile kakhulu futhi baphambili ebuholini ngokunamandla.Pho besingakukholwa kanjani okushiwo yibhayibheli mayelana namadoda namakhosikazi?
Sazi okuningi mayelana ne- psychology nesakheko esingobulili kulezinsuku.Manje pho besingalikholwa kanjani ibhayibheli elikushoyo ngalezihloko na?
Futhi loluhla ,luyaqhubeka alumile olungalemicabango. Elinye iphutha esilenzayo ngelokothi ,iZwi likaNkulunkulu labe livelele kakhulu ezikhathini eziphambilini kunezanamhlanje.Kwakungenjalo.AmaJuda abulala abaphrofethi belandelana .Babo uyakhohlwa yini nokuthi aze ebethela iNdodana kaNkulunkulu uqobo ngenxa yokuthi eyangakuthandi eyayikusho.Yebo ,nebala akukho okusha ngaphansi komthunzi welanga.IZwi likaNkulunkulu selokhu kwathi nhlo alikaze livelele.
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
Kodwa uma uNkulunkulu ekhuluma ,ukhuluma ukuze kusizakale thina.Konke lokhu okwabhalwa ezinsukwini kwalotshelwa ukufundiswa kwethu,ukusizakala kwethu,ukuze sikwazi ukubona izinto ngeso laKhe.Manje umbuzo wempela la usekutheni ,ngakube simelwe ukulwa nolethe umyalezo ,noma silalale uNkulunkulu? Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..