Ungasabi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 46:1-3 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni . Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amanzi alo ehlokoma ekhephuza nezintaba zizamazama,ngokukhukhumala kwalo .
Emva kwesikhathi esincane dukuduku ,nansi impilo isikuphonsa ngebhola elishaya i-punch enzima esiswini .Uma likushaya likuxegisa amadolo . Ebese ngesikhathi ulele phansi emhlabathini ungasaphefumuli kahle ,kuvese kungene ukwesaba .
Kwake kwangenza lokho nami ngisamncane ngivimbe ibhola langishaya lasho ukuhlanganisa isisu nomgogodla ngayothi fofolozi laphaya . Kuze kube namhlanje ngisakhumbula kahle lobobuhlungu nokwesaba bokuhlulwa wukuphefumula
Futhi ngicabanga ukuthi okwenza kube ngokwedlulele ,wuvalo olukushayayo .Lengxenye yokumangala ukuthi –bengingakulindele nhlobo lokho okwenzekile .
Uyabona ,ziningi izinto ezenzekayo empilweni ezisibangela ukusaba okukhulu . Kwenzekile phambilini ,nakanjani kusazokwenzeka kwikusasa lempilo yethu futhi.
Futhi kuphakathi nakho lokho kwesaba nokwethuka okuvese kwenze ukholo lwethu luhwamuke lube ngumuncwi emoyeni ,akunjalo ? Esikhathini kanye la okudinga khona ,nakhuya sekubalekile .
Phambilini ngisanda kushawa yinto u- Martin Lloyd Jones ayisho: ukholo ngukwenqaba ukuqhaqhazela . Futhi lenkulumo okuthi mase uyibuka ngeso likaMoya iliqiniso elinamandla :
Amahubo 46:1-3 UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni .
Ngakho-ke asiyikwesaba noma kuguquka umhlaba,nezintaba zidilika ekujuleni kolwandle ,nokuba amanzi alo ehlokoma ekhephuza nezintaba zizamazama,ngokukhukhumala kwalo .
Zincane izinto ezingesabisa ukwedlula ukuzamazama komhlaba –inhlabathi ibe ubugudlu gudlu okweguzulestimela ,izintaba ziginqikele olwandle , amanzi aholobe qede akhande amagagasi eskhaleni .Njeke .Kodwa loMhubi uyawenqaba umuzwa wokwesaba esimweni esinjalo .Kungani ? Ngoba … UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu,ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni .
Qinisa ikhanda .Ungasabi ungaqhaqhazeli .Methembe
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..