Ungazixoxi Zonke Izimfihlo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 18:8, 26:20 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco,ayehlela kokuphakathi komuntu … Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,nalapho kungekho bancethezi kuyabohla ukuxabana .
Sewake waqaphela ukuthi amaphepha ayathanda ukubhala izihloko ezifana nalezi ,zibe sematheni : Izindaba eziyimfihlo zezothando lukasaziwayo ? Futhi ngakube lokho akwenzi ukuthi athwengwe wonke lawomaphepha agayiwe ,kumbe ngokwalesikhathi kuhehe abantu abaningi online kulolodaba lugcine selu-trender .
Kunento ehehanayo ikitaze ukulangazelela ukuthola izimfihlo zomunye umuntu .Amaphepha amaningi nomagazini abangezindaba zabesifazane lokho kwenze athengwa ubuthaphuthaphu futhi ngenye yezindlela abandisa ngayo izikhangiso .Ake ucabange nje ngalokho .Ibhizinisi elenza izindodla zezigididi zama dollar umhlaba wonke ,lenza imali ngenxa yokuhamba abanye abantu ngemumva libhizinisa ngenhlebo,licekela phansi isithunzi sabanye abantu .
Kodwa ake singavese sijahe ukubakhomba ngo 7 kanti isithupha sibheke kithi .Akuzikhumbuze nawe ,kukaningi kanganani silingwa ngukuhleba ,ukuxoxa ngezimfihlo zomunye umuntu obungafanelwe ukuzisho ? Kumbe okwedlulele kunalokho ukusabalalisa amahebezi angacekela phansi aqede nya ngempilo yalowomuntu ?
Kukaningi leyoncwadi yenhlakanipho enkulu eBhayibhelini ,iNcwadi yeZaga ,ibhale amakhasi amaningi kuyo yawaqondisa ukukhuza umkhuba wokuhleba :
Izaga 18:8 Amazwi omncethezi anjengezibiliboco,ayehlela kokuphakathi komuntu
Kulelivesi kanye uNkulunkulu usicacisela ngokukhanyayo ukuthi kulingana kanjani ukulangazelela ukuyohlala ezinyaweni zikaMaMgo bese eyakukhiphela zonke azaziyo ,naye ukuthi ushiswa kangakanani wulimi esejahe ukuzithamunda .Impela njengezibiliboco eziphekwe kamnandi kanti phakathi zifakwe ushevu ,zehla kamnandi emphinjeni kodwa ekujuleni komuntu zidala inhliziyo ebabayo ,zilimaza ingqondo ziyifake uphoyizeni uqobo .
Manje pho ukumisa kanjani lokho ukwenzeka ? Ukumisa kanjani ukuthi izimpilo zingalimali nobudlelwane bungaklayeki ngenxa yenhlebo ?
Izaga 26:20 Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,nalapho kungekho bancethezi kuyabohla ukuxabana .
Ngamanye amazwi uma lelingabi lokuhleba liza kuwe ungafaki izinkuni kuzo uzokhele nangoparaffin nawe ukuba zivuthe ,ungazinqaki ebese nawe uziphonsela omunye futhi umuntu .Akuthi ukuhleba makufika kuwe kufike kume nse kungadluleli phambili .
Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka ,
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..