UNkulunkulu Ekugugeni Kwakho
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 46:3,4 Ngilalele wena ndlu kaJakobe ,yonke insali yendlu yakwaIsrael engiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni .Noze niguge nginguye ,yebo noze nibe yizimpunga ,ngiyakunithwala ngikwenzile lokhu ,futhi ngiyakunetshatha ,futhi yebo ngiyakunithwala nginikhulule.
Enye yezinto engiye ngiyithole ijulile,yindlela uNkulunkulu akwazi ukuthatha into ayikhuluma kubantu eminyakeni eyizinkulungwane eyadlula ngomunye umqondo ,kodwa aphinde ayisebenzise ukuba iguqule izimpilo zethu ngokomthelela onamandla khona namhlanje .
Ngakho ake singene kuyo .
Isaya 46:3,4 Ngilalele wena ndlu kaJakobe ,yonke insali yendlu yakwaIsrael engiyithwesiweyo kwasesiswini,yabekwa phezu kwami kwasesizalweni .Noze niguge nginguye ,yebo noze nibe yizimpunga ,ngiyakunithwala ngikwenzile lokhu ,futhi ngiyakunetshatha ,futhi yebo ngiyakunithwala nginikhulule.
Uthini lombhalo ngokulotshwa olotshelwe bona ? Yebo,abantu bakaNkulunkulu u-Israel wabe usebugqilini ekuthunjweni iminyaka engu 70, ngoba babengathembekile bakhonza onkulunkulu bamanga ,ngakho uNkulunkulu wabajezisa .
Futhi nebala okuthe iBhabhiloni njengoba labe liyisizwe esigcwele ubuhedeni ,kwenza layinhlabathi evundile ukuqhubeka ukuhuheka kuka Israel akhonze izithixo. Lamavesi aqhamuka enkulumweni la khona uNkulunkulu ekhuza lomhlola , ngoba ehlose ukubuyisela u-Israel ezweni lesethembiso . Kuyisikhathi futhi esesabisayo . Iningi lalababantu lase liphile impilo yalo yonke liyizigqila . Ngakube uNkulunkulu wayezobathatha ngempela ababuyisele kulelizwe bona abebezwe nje kuphela ngalo bengalazi ngenxa yokuzalelwa eBhabhiloni? Lokho kwakuyobe kuchazani kubo ? Kwakungeke kube yingozi lokho na?
Kodwa nansi la elele khona .Ngale kokwehluleka kwabo ,kokwesaba kwabo ,kokungathembeki kwabo,uNkulunkulu Yena uhlala ethembekile . Kusuka sibumbeka ezibelethweni kuze kube sekuzalweni size siguge ngisho sekungale kwalokhu kuphila uNkulunkulu uqhubeka engothembekile njalo njalo.
Ngakho noma ngabe yikuphi ukwehluleka ,ukwesaba neminyaka yobudala bakho ,ngisho kungathiwa sewuze waguga ,yazi lokhu . UNkulunkulu uthembekile .
Yilona kanye iZwi laKhe leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..