UNkulunkulu Wethemba Lonke
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 15:13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni ,ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele .
Sewake wakhathazeka ukuthi ekaze empeleni abantu muntu muni abahlangana naye uma besuka behlangana nawe ? Bahlangana nobani kumbe nani kuwe ?
Umdlandla omkhulu omuhle kumbe ukhuntalala,intokozo kumbe udumalo ,izibele kumbe umuntu owayindanayo? Sewake wazibuza lokho ?
Kwesinye isikhathi mase ngiyobeka umzimba embhedeni ngiyacabanga ngabantu engihlangene nabo osukwini .Unkosikazi wami –ngakube ngimkhuthazile ,ngakube ngimenze wazizwa ethandwa ,kumbe gakube ngibe ngoshodile kuye ?
Leyo video meeting ebengikuyona ngakube ngibenze ozakwethu bazizwa benenani kumbe bengelutho ?
Yimibuzo engemnandi leyo ukuzibuza yona thina siqu ngoba sinezinto esiyizo ezizoba nemithelela kubantu .
Yingakho sisidinga isandla esizoba wusizo namandla aluguquko aguqula esiyibo ,uhlobo lwabantu esiyibo uma abantu behlangana nathi ngale kokuthi size thina sicabange ngalokho …
KwabaseRoma 15:13 UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni ,ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele .
Iphuzu : Ithemba likaNkulunkulu ,uthando lwakhe luyazenzekela kithi uma sibeke ukholo lwethu kuye .Futhi akubi njengomuzwa nje ofudumele ngaphathaki wefuthefuthe elidlulayo .Qha UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni ,ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele .
Futhi lokho kuguqula umuntu onguye .Kuguqula lomuntu abantu abahlangana naye uma behlangana nathi .Kuguqula umthelela esiba nawo uma sihlangana nezimpilo zabo .Konke lokho kwenzeka uma simethemba .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.