Vula Umlomo Ubakhulumele !
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 31:8,9 Sivulele isimungulu umlomo wakho ,umele bonke abantwana abayizintandane .Vula umlomo wakho wahlulele ngokulunga ,umele abahluphekayo nabampofu.
Kunoma yimuphi umphakathi noma inhlanganyelo kunabawinayo nabahlulekayo. Futhi uma usenhlanhleni yokuba kwabawinayo ,kugcina kunomoya wokungabi nandaba nabahlulekayo.
Noma yini ongayicabanga ngomgomo we- COVID, futhi ngiyaqonda kunokungaboni ngaso linye kulesihloko ,sekuqubuke umdonsiswano omude kwizizwe ngezizwe zomhlaba kubangwa loludaba ,okubekwa ngokokuthi inhloso yokugoma ngukwehlisa ukufa nokukwazi ukubuyela empilweni ejwayelekile .
Izizwe zomhlaba ezingomacaphuna kusale ,zenze kahle kakhulu kulombhidlango wokugoma ,zakwazi ukwehlisa isibalo sabafayo. Zakwazi ukuyithenga ngobuningi yankulu futhi nasesikhathini lakhona yabe Ibiza kakhulu lemigomo.
Okwenza ukuthi uma ungomunye walabo ophila ezweni elicebile ,indaba yobhubhane isiqale ukuba yinganekwane esibekwe le kude . Kodwa uma uphila emazweni ahlwempu ikakhulukazi alapha e –Afrika ,ochwepheshe ngalesihloko bathi cishe kuyoze kube ngu 2030 kuyila kuzola ngokufanayo namazwe acebile osekuvelile wona azolile kuyimanje .
Wukungalingani ke lokho okwenzeka ngokwesikali samazwe esikhulu .Kodwa ukungalingani kuphinde kwenzeke nasesikalini esincane sokuphila komuntu nomuntu ngamunye .
Izaga 31:8,9 Sivulele isimungulu umlomo wakho ,umele bonke abantwana abayizintandane .Vula umlomo wakho wahlulele ngokulunga ,umele abahluphekayo nabampofu.
Sihlobo sami uma ungomunye walabo ababe senhlanhleni yokuba ngabawinayo empilweni (unokudla ,unompheme ekhanda lakho,unombhede osofozela kamnandi olala kuwo,nebala nawe ukwabawinayo ) ,ungabakhohlwa labo abaseduze kwakho abangawini.
Vula umlomo ubakhulumele .Basize uma besengxakini.Yima umele okuliqiniso .Vikela amalungela abampofu nalabo abadinga usizo.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..