Yimuphi UJesu Omlandelayo ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 11:3,4 Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu. Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.
Mumva le ngamhla uJesu ehamba emgwaqeni wothuli kwelakwa Israel ,babeningi ababezibiza ngokuthi bangoMesiya ,bethi bathunyelwe nguNkulunkulu ukuzosindisa u Israel .
Umbuzo kuMaJuda abe ezikholwa izibhalo ayebhekile uMesiya owathenjiswa ,kwabe kungukuthi akholwe ngumuphi kulabo Mesiya ,alandele muphi .
Futhi ngandlela ningi lokho kuseliqiniso nanamhlanje.UJesu usanezinto eziningi ezinzima ukuzisho .Izinto ezingavelele.KuJohane 6 : 66 sitshelwa ukuthi abaningi bama ukumlandela ngenxa yalokho .
Kulezinsuku lezozinto ezinzima ,yebo ezenza aphikiseke ukuthi ngakube uJesu unguYena ngempela zisakhona.
Vese uhambe uyobuza nanoma yiyiphi i-atheist [abaphika ubukhona bukaNkulunkulu] ,futhi baningi kakhulu ongababuza .Lokho ungakulindela ukukuzwa kubona .Kodwa manje iningi lethu elingakulindeli lokhu okokuthi kungaba semndenini kaNkulunkulu , ukuthi kuwo ngaphakathi kukhona asebegudluze uJesu bambeka kude le …wawuhlobo lomuntu ongamukeleki .
Njengokuba omunye umbhali wake wabhala wathi : Ngisho aMaKhrestu amvumayo ayamehlisa uNkulunkulu abe mncu kulokhu ayikhona .Kwabanye uJesu usephenduke waba yinto nje eziginqela ikhanda ezilalele engazi nanyaka ide ilalele ama-headset kodwa engezwa lutho olunye ,njengokuba abanye sebemdwebe kanjalo kwezikaqedisizungu .
Kodwa ngisho nalokho ,akuyona into entsha .UPhawuli ubhalela iBandla lakulesikhathi …..
2 KwabaseKhorinte 11:3,4 Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu. Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma
namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.
Ngakho,yimuphi uJesu wena omkholwayo? Yimuphi uJesu omlandelayo?
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..