... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Akekho Ofana Naye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 86:8-10 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi ,akukho okunjengemisebenzi yakho .Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke ,zikhuleke phambi kwakho ,Nkosi zidumise igama lakho .Ngokuba umukhulu wena uyenza izimangaliso ,unguNkulunkulu wena wedwa .

Listen to the radio broadcast of

Akekho Ofana Naye


Download audio file

Ngakho  ngakube ingakanani impilo yakho othi mawuyibuke ubone unjengesihambi esihamba sicinga okuthile ?  Impendulo kwiningi lethu ,hhayi kangako .Ngoba phela ekugcineni kwakho konke simatasa .Izinto esidinga ukuzenza .Izindawo esidinga ukuya kuzo .Abantu esidinga ukubabona .

Okungale  kokuba matasa ngumzwangedwa . Abaningi ikakhulukazi abadala ,abanakho okuningi okudinga bakwenze ,nalabo abaxakekile kakhulu ngokwezimali ,abanakho okuningi ukukwenza ,izindawo abadinga ukuya kuzo ,nabantu abadinga ukubabona .Ngakho le yokuba yisihambi ….uhambe ucinga …Angicabangi kanjalo !  

Kodwa khona kunjalo usuke ucabange usuke ukulangazelele kanjani ukubona into elandelayo ? Leyanto eyodwa ezokulethela ukuthula ,intokozo ,ukuneliseka –le ebukeka ilokhu ingezi ingaqhamuki .

Yebo abaningi njengezihambi ohambweni bahubha izinto eziningi ,ukuze bathole okukodwa okuthize emva kokunye .Ngakube bese kuyisikhathi sokuma uthole ukuthi yini hle hle oyicingayo  ?

Ihubo 86:8-10 Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi ,akukho okunjengemisebenzi yakho .Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke ,zikhuleke phambi kwakho ,Nkosi zidumise igama lakho .Ngokuba umukhulu wena uyenza izimangaliso ,unguNkulunkulu wena wedwa

Umfundisi  noso Theology , u-Arthur Pink,ukubeka kanje lokhu  : “Ubususisiwe lowomphefumulo othathwe wamangazwa ngukubuka ubukhulu bobukhosi bukaNkulunkulu”

Shlobo sami asizukukuthola lokhu esikufunayo kulomhlaba .Ngoba noma kungayini eligugu eyisithixo ema phambi kwakho kodwa okusalayo wutalagu uqobo lwalo into ongeke uyibambe .NguNkulunkulu uqobo lwakhe kuphela onganelisa ukulangazelela okujulile komphefumulo wakho  Ngokuba Yena yedwa unguNkulunkulu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy