Akukhona Ukuphumbutha Ebumnyameni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 12:44-46 Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
![](https://cwcontentserver.com/wp-content/uploads/Zulu-Images-6.jpg)
Uma ubuka ungaphandle kunokwenzeka ukuthi uzitshele ukuthi hhayi ukukholwa yindaba kaJesu kuyi –risk .Kwabaningi lendaba yokholo iwukuphumputha ebumnyameni.Wena uthini owakho umcabango ?
Angisho ukuthi ngake ngangabaza ukuthi ngizinikele yini kulendaba yamaKhrestu noma cha .Ingqondo yayithi zizothini izimfuno azozifuna kimi loJesu .Ekaze akayikungithumela yini ekupheleni komhlaba ngihambise ivangeli [okuyinto kimi enganginkamunkamu ngayo ,yayingezwakali impela ] ?
Nawe uma kungukuthi umlandele uJesu ,nakanjani angingabazi zikhona izikhathi zezivivinyo zokuzizwa sengathi uphumputha indlela ebumnyameni , uzibuze ukuthi “engabe kwenzakalani ingempela? Ingani yonke lendaba ,ngakube kunalo inani ukuqhubeka kwami nalolubizo?” Konke lokho kwenziwa ngukuthi ungabazane luyi-package yohambo lokukholwa ,kubanezikhathi lakhona ufise ukubuza ukuthi ngabe nguye yini uMesiya lowo noma cha . Phela ekugcineni kwakho konke uma bewazi ukuthi izinto zizoba kanjani ubungeke uludinge ukholo ,lukhona khona lokho kanye esingakwazi .
Kodwa icebo likaJesu lihluke ngamalengiso kulokho kwethu ,akakaze akuhlose ukusigcina sisebumnyameni siphumputha :
NgokukaJohane 12:44-46 Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
Wakusho kanjani lokhu ? Wamemeza.Wathini? “Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.”
Kubukeka kuwukuthi ukuthatha igxathi ukholwe nguJesu akukhona ukuphumputha ebumnyameni kodwa yigxathi lokungena ekukhanyeni !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.