Amademoni amadlabha nabakhekhelezi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Daniyeli 6:4 Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso,kepha abatholanga lutho nacala kuye,ngokuba wayethembekile ,akutholwanga siphosiso nacala kuye .
Uma siphila ngokwenza izinto ngezinga elicokemeyo ,iqiniso lithi akusibo bonke abakujabulelayo lokho. Kubukeka sengathi umoya ophakeme wokwenza izinto unomkhuba wokuhhudluza kuzwele qede kuvuke amadimoni omona kumadlabha nomadojasi bakulomhlaba.
Ngasizathu thizeni ,empilweni yami ngangihlala ngikuthokozela ukufunda .Eskoleni ngangizikhandla kakhulu ,hhayi ngoba kwakumele kodwa ngoba mina ngangithanda ukukwenza.Okuyikho okwakuvamisa ukungenza ngiphume ngiqenqeleza phambili kuma class amaningi .
Kodwa manje ,ngenxa yalokho kwagcina ezinye izingane zezingiphatha kabi .Kwakuhlale kungixaka futhi kungicika lokhu okwakwenziwa yilezingane ezinye .Ngangingaqondi kungani ingempela.UMame wayeye angitshele ukuthi yingoba izingane zazinomona.Yebo,kodwa manje kulelozinga leminyaka engangisekulo kwakungawakhi umqondo lokho.
Izolo sibonile ukuthi uDaniyeli unyuke kanjani waze wayothi cingco phezulu emkhandlwini wobuholi wenkosi uDariyu,,ngokunamandla wagcina enjengomuntu ohola izwe lonke …konke ngenxa yomoya ophakeme we excellence ekwenzeni izinto.
Daniyeli 6:4 Khona abongameli nezikhulu base befuna ukuthola utho ngoDaniyeli oluqondene nombuso,kepha abatholanga lutho nacala kuye,ngokuba wayethembekile ,akutholwanga siphosiso nacala kuye .
Okwagcina sebemqiliza enkosini ,okwagcina kufaka uDaniyeli emphandwini wezingonyama [soxoxa kabanzi ngalokho kusasa] .Indaba la isekutheni inqobo nje uma senza izinto ngezinga elicokemeyo sizowuvukuza umoya womonase abasizungezile .Ngeshwa i-excellence iletha abagxeki nezitha zayo eziningi .Noma kunjalo kodwa wena shlobo yenza izinto ngezinga elicokemeyo.
UDaniyeli wayeyindoda abantu ababengayithemba. Akazange enze nkohliso nasiphosio enkosini .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..