... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Akho Avela ENkosini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 62:10,11 Maningakwethembi ukuqhwaga ,ningazigabisi ngokuphangiweyo ;uma imfuyo yanda ningayibeki inhliziyo kuyo .UNkulunkulu ukhulumile kanye ngikuzwile kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu .

Listen to the radio broadcast of

Amandla Akho Avela ENkosini


Download audio file

Kunezikhathi empilweni  okungathi noma sizama kanzima kanjani ,ukuthi sifaka kangakanani umfutho nokuzinekela entweni ethile ,izinto azibonakali zihlangana.Ingacaci indlela yokudlula uye  phambili .Futhi kulapho kanye esigcina sesenza izinto ezingasiyisi ndawo .

Ngakho mhlawumbe kade uzinqubuza odongeni uzama ukwenza okuthile kwenzeke ,kodwa uthole ukuthi kuyenqaba akwenzeki .Ngakho yikuphi okwenzayo .?

Okubuhlungu iningi lethu siyaqhubeka  sizishaya kuloludonga ,ngokokungathi kunotho oluzoguquka .Kuyinto engubulima ukuyenza ,kodwa sonke siyenzile .,angithi  ?

Kwezinye izikhathi siye sifune ukubhekana nezinto thina ngokwethu .Sivese siginqe wonke umuntu osendleleni yethu – anginandaba akahambe ashone !  Kuyasebisa ukuthi  asisho njalo ngomlomo kodwa siyakwenza ngezenzo .

Kumbe sibe nokungathembeki okuthile sithi sizonqamulela amajika athile ukuze sifike la  esifuna ukufika khona ngokushesha.Siqambe amanga ahloliwe .

Abanye abantu banemali abayifaka kulenkinga ,ngakho  bavese bayiphonse .Kuningi ngeke ukuqede konke .Inhloso yethu sifuna kudilike lentaba ephambi kwethu noma kungasizibiza nani lini inqobo nje  masiphumele ngale.Senza  izinto ezingubuwula eziningi.

Kodwa manje yikuphi lokhu okunye okwehlukile ? Ngeke ukholwe  kukodwa phaqa futhi kungcono kakhulu ngaphezu  kobungakucabanga

Ihubo  62:10,11 Maningakwethembi ukuqhwaga ,ningazigabisi ngokuphangiweyo ;uma imfuyo yanda ningayibeki inhliziyo kuyo .UNkulunkulu ukhulumile kanye ngikuzwile kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu .

Nebala amandla  avela eNkosini uNkulunkulu wethu ,okunguye ohlala esemsebenzini wokwenza olungenzeki kubantu lwenzeke kuYe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.