Amandla Avela Phezulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 40:28-31 Awazi yini ,awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade ;udalile imikhawulo yomhlaba ;akapheli mandla akakhathali ,nokuqonda kwakhe akunakuphenywa . Nguye omupha oyethileyo amandla ,nakongenamandla uyandisa izikhwepha .Izinsizwa ziyaphela amandla zikhathale ,nabasha bawa nokuwa,kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha ,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi ,bagijime bengakhathali ,behambe bengapheli amandla .
Baye bethi amandla ayamona umuntu ,ikakhulukazi uma esezibona enamandla onke .Liqiniso lelo .Akubizi ukuqalaze kude lokho ukukukholwa
Okuthi masubuka izwe la elikhona njengamanje ,ubone ukuthi kuliqiniso nebala !
Ngeshwa nasemabandleni kuyenzeka . Yingakho kanti bebaningi kangaka abantu abaphoxekayo ngenkolo bengafuni nokuyizwa .Yingakho bebaningi abantu abamanqika ngoNkulunkulu .
Ubani obengabalahla ngecala uma sewubuka kahle ububi obehle buza bube manje kumakhulukhulu eminyaka buqhutshwa egameni lenkolo ?
Phezu kwalezi zenzo ezinjalo kunoNkulunkulu ,othandweni lwakhe olumsulwa ,ofuna ukudlulisa amandla akhe kubantu abajwayelekile njengami nawe .
Nangu futhi ekhuluma kubantu bakhe asebebe senhluphekweni cishe iminyaka engu 70 :
Isaya 40:28-31 Awazi yini ,awuzwanga na uJehova uNkulunkulu ongunaphakade ;udalile imikhawulo yomhlaba ;akapheli mandla akakhathali ,nokuqonda kwakhe akunakuphenywa . Nguye omupha oyethileyo amandla ,nakongenamandla uyandisa izikhwepha .Izinsizwa ziyaphela amandla zikhathale ,nabasha bawa nokuwa,kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha ,bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi ,bagijime bengakhathali ,behambe bengapheli amandla .
Shlobo sami ngikholwa ngenhliziyo yami yonke ukuthi ngumyalezo wakho lo .Esikhathini uzizwa uyethile ungenamandla ,linda kuNkulunkulu .Themba kuNkulunkulu .Futhi uyobuyisa amandla akho ,uyokuphakamisa ngamandla akhe ,eze kuwe .Nakanjani Shlobo sami !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.